INHLANGANO elwela amalungulo abantu, i-AfriForum, isithumelele incwadi yabameli kuKhomishana wezamaJele kuleli, uMnuz Arther Fraser, ifuna incazelo egcwele ngesinqumo sakhe esiholele ekutheni akhulule ejele ngoshwele wokugula owayengumengameli wezwe, uJacob Zuma. Imnika umnqamulajuqu kaSepthemba 10 ukuba aphendule.
Le ncwadi ebhalwe ngoLwesibili yinkampani yabameli, iHurter Spies Ing Attorneys, kuyo bafuna ukuba uFraser achaze ngesinqumo sakhe. Inhlangano ithi njengoba umphakathi udunguza ebumnyameni, awunayo imininingwane ephelele ngokukhululwa kukaZuma ejele, okuyinto abathi iqubula imibuzo futhi ichaza ukuthi ibe nokwenzelela indlela akhululwe ngayo uZuma.
UZuma udedelwe ngoshwele wokugula nguFraser ngeSonto, emva kokuchitha izinyanga ezimbili zesigwebo sezinyanga ezingu-15 asinikwa yiNkantolo yoMthethosisekelo ngokudedela umyalelo wayo.
Isigaba somthetho uSection 75(7)(a) weCorrectional Service Act, 111 of 1998 sinikeza Fraser amandla okukhulula ngoshwele isiboshwa esidonsa isigwebo sezinyanga ezingu-24 noma ngaphansi bese sibeka imibandela.
Okunye efuna ukukwazi i-AfriForum, ukuthi ngabe uZuma usesigabeni sokugcina sokugula kwakhe futhi leso sifo esimphethe ngeke yini selapheke. Iqhuba ithi uma uZuma engekho esigabeni sokugcina sokugula kwakhe, kumele sidalulwe isizathu sokudedelwa kwakhe.
I-Afriforum iqhuba ithi njengoba uMsholozi enqabile ukuhlolwa isimo sakhe sempilo ngodokotela abaqokwe yiNational Prosecuting Authority (NPA), esishaya indiva isinqumo seNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ifuna ukwazi ukuthi uFraser ufinyelele kanjani ekutheni uZuma ngeke esaphambuka ngomuso.
I-AfriForum ifuna ukuhlinzekwa ngekhophi yencwadi yesicelo sikashwele kaZuma, nangendlela eyenza uFraser wathatha isinqumo. Ifuna nekhophi yombiko kadokotela ophakamisa ukuthi uZuma adedelwe ngoshwele wokugula.
UMnuz Ernst Roets, oyinhloko yePolicy and Action kwi-AfriForum, uthe kufikiselana ngamahloni ukuthi icala elikhulu njengaleli ligubuzelwe yizimfihlo. Uthe unethemba lokuthi uMnyango wezamaJele ngeke udale ungabazane kubantu ngokuholele ekuthatheni isinqumo sokukhulula uZuma ejele.
“Uma uthi nhla, uyabona ukuthi isinqumo sokukhulula uZuma sithathwe ngaphandle kokulandela umthetho,” kusho uRoets.
Uphethe ngokuthi uyethemba ukuthi impendulo kaFrase, izocacisa ukuthi kuyadingeka baqhubekele phambili nezinyathelo zezomthetho okuyinto uphiko lwabo lezomthetho olunganqeni ukuyenza.
I-JG Zuma Foundation ithe uZuma uxhumana nabameli bakhe esesibhedlela ngezinto eziningi ezihlukahlukene yacela ukuba umphakathi uqhubeke nokumkhulekela.
Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnuz Singabakho Nxumalo uthe bawatholile amaphepha avela kwi-AfriForum, bazowaphendula.