Uma usuzibonile ukuthi unenkinga, kuyasiza ukuthola ukwelulekwa ngezindlela okuyizo zokulwa nobugqila botshwala.
Ongoti bathi kunezikhungo ezenza umsebenzi oqondene ngqo nokukhulucula utshwala emzimbeni womuntu obesecwilile osefuna ukuqala kabusha empilweni.
Lezi zikhungo ezijwayele ukusiza abantu abanenkinga yezidakamizwa, zinanezinhlelo eziqondene ngqo nalabo botshwala phecelezi i-Alcohol Rehabilition.
Kodwa kukhona nawe ongazenzela khona ekhaya:
* Susa bonke utshwala endlini ukuze ungabuboni
* Qala imikhuba emisha, uma ubuphuza kakhulu ngezimpalasonto, thola ezinye izinto ezihlukile ozozenza ngalezi zikhathi ukuze ungaphindeli otshwaleni. Gwema nabangani abajwayele ukukuholela ebhodleleni.
* Yidla ngendlela, izithelo akube wumngani wakho.
*Uma unenkinga yotshwala noma osondelene naye umbona edinga usizo, ungabathinta abakwaAlcoholics Anonymous(AA) KU-0861 435 722
Bayatholakala naku-wwww.aasouthafrica.org
Bakhona nasemgwaqeni uSmith Street eThekwini eDoone House, naku-031 301 4959.