UMKHANDLU weTheku usuqale uhlelo lokusiza abahlulwa wukukhokhela ugesi ngokuthi ungabe usabanqamulela ngenhloso yokunqanda umkhuba wokuntshontshwa kwawo.
Emhlanganweni wekomiti elilawula umkhandlu eCity Hall izolo kwethulwe umbiko oveza ukuthi abanesikweletu sikagesi abasezokunqanyulelwa wona.
Umbiko uqhuba uthi iPhini leMenenja yeziMali emkhandlwini kumele ligudluke kwinqubo yamanje ethi abantu abanqanyulelwe ugesi uma bekweleta.
USihlalo wekomiti lezokuhlaliswa kwabantu nengqalasizinda eMkhandlwini weTheku, uMnuz Mondli Mthembu, uthe lesi sinyathelo basithathe ngoba befuna ukugwema umkhuba wokuntshontshwa kukagesi.
“Abantu abakweletayo sizobaxhumela ugesi inqobo uma bezophumela obala babeke inkinga yabo baphinde bangene esivumelwaneni nomkhandlu lapho kuzovunyelwana ngokuthi iyiphi indlela abangakhokha ngayo,” kusho uMthembu.
Ikhansela leDA, uMnuz Heinz de Boer, lithe bayawamukela lo mbiko ngoba uzosiza ekutheni kuliwe nenkinga yokuntshontshwa kukagesi.
UDe Boer uphinde waphakamisa ukuthi kumele kube khona izinyathelo ezithathwayo njengoba umasipala ukweletwa imali engaphezu kukaR700 million yizinkampani ezinkulu okubalwa nezikahulumeni.
“Akukwazi ukuthi kungavunyelwa izinkampani ezinkulu ukuba zikwelete, alikho iqiniso lapho,” kusho uDe Boer.
Uphinde wathi bafuna impendulo ecacile ngokuthi washonaphi uR100 000 owakhishwa umkhandlu ukuze kuqashwe izipontshi okwakumele izintombi zilale kuzona eMkhosini woMhlanga.
“Imali yaphuma kodwa sizwa kuthiwa izintombi zazilele phansi izipontshi zingekho,” kusho uDe Boer.
Ikhansela le-ANC, uMnuz Sipho Kaunda, lithe umcimbi woMkhosi woMhlanga waba yimpumelelo.
“Umcimbi wawungeve umayelana nezipontshi zokulala kodwa wawumayelana nokuhlolwa kwezintombi kodwa siyasizwa isikhalo ngezipontshi nokuthi kukhona abathi abadlanga,” kusho uKaunda.
Emhlanganweni wayizolo kuphinde kwavela ukuthi uMkhandlu weTheku uchazwa yiGlobal Credit Rating njengomasipala onozinzo kwezezimali.
UMgcinimafa eMkhandlwini weTheku, uMnuz Krish Kumar, uthe ukukleliswa kukamasipala wabo kulesi sigaba kuyimpumelelo enkulu futhi kuzobagqugquzela bafune ukugcina leli rekhodi.