UKUHLINZEKWA komgomo wokulwa ne-human papiloma virus (HPV) okuyisifo esigcina siholele emdlavuzeni womlomo wesibeletho kunomthelela omuhle ekwehliseni isibalo sabesifazane abagcina benalo mdlavuza.
Umbiko wakamuva weThe Lancet ukhombisa ukuthi kunomehluko osube khona kusukela amazwe eqale ukusebenzisa umgomo.
INingizimu Afrika isemazweni athathe isinqumo sokusebenzisa umgomo ezinganeni zamantombazane ezineminyaka eyisishiyagalolunye.
Kukholakala ukuthi balinganiselwa ku-4000 abesifazane abashona ngenxa yomdlavuza wesibeletho unyaka nonyaka kuleli.
I-HPV yisifo esinomthelela ekutheni abesifazane bagcine behaqwe wumdlavuza womlomo wesibeletho.
Inhlangano yezempilo emhlabeni wonke iWorld Health Organisation (WHO) ikhuthaza amazwe ukuthi awusebenzise umgomo wokugwema lesi sifo. Ngokwemigomo ye-WHO kudingeka amazwe asebenzise umgomo walesi sifo emantombazaneni aneminyaka eqala kweyisishiyagalolunye kuya kwabesifazane abaneminyaka engu-25. I-WHO isanda kubuyekeza imigomo yayo lapho igqugquzele amazwe ukuthi agxile kakhulu ekugomeni amantombazane aneminyaka ephakathi kweyisishiyagalolunye kuya kwengu-14.
Kugqugquzelwa ukuthi izingane zamantombazane zisheshe ziwuthole umgomo zingakaqali ukuya ocansini ukuze ziphephe zingangenwa yi-HPV nokuthi zingagcini sezinomdlavuza womlomo wesibeletho.
Umbiko weThe Lancet ubheke imininingwane ngabantu abangu-60 million osekuphele iminyaka eyisishiyagalombili bagomela lesi sifo.
“Imiphumela yethu ikhombisa ukuthi izinhlelo zokugomela i-HPV zinomthelela omuhle ekuvikeleni amantombazane nabesifazane kwiHPV ,” kusho abalobi bombiko.
Baqhube bathi ukugomela iHPV kukhombisa ukuthi akugcini ngokuvikela abesifazane ekutheni bangangenwa wumdlavuza womlomo wesibeletho kodwa bekuphinde kube nomthelela omuhle nasekulwenii nezifo zocansi ezithile kwabesifazane nakwabesilisa.
Ngo-Ephreli 2014 iNingizimu Afrika ibe semazweni asungule uhlelo lokugomela iHPV. Nyakenye abengaphezu kuka-350 000 amantombazane afunda ezikoleni ezilinganiselwa ku-16 000 zikahulumeni kuleli athole umgomo weHPV phansi kwalolu hlelo.
Ucwaningo lwaphambilini lukhombise ukuthi iNingizimu Afrika yenze kahle ezinhlelweni zayo zokusebenzisa umgomo walesi sifo nasemabangeni aphansi. Okwabuye kwavezwa wucwaningo olwethulwe nyakenye wukuthi kuyakhathaza ukuthi kusekhona omama abangabavumeli abantwana babo ukuthi bagomele lesi sifo ngoba bengenalo ulwazi olufanele ngaso nangengozi yokungagonywa kwezingane.
Abalobi bombiko weThe Lancet babheke imininingwane evela emibikweni engu-1702 ebheka okwenziwa amazwe ukulwa nokusabalala kweHPV.
Bathole ukuthi emva kweminyaka emihlanu kuya kweyisishiyagalombili zehle ngo-83% izibalo zabantu abanezinhlobo ezimbili zeHPV emantombazaneni aneminyaka ephakathi kwengu-13 kuya ku-19.
Bathe banethemba lokuthi imiphumela abayitholile izofaka ingcindezi ekutheni amazwe omhlaba enze kangcono ekulweni nokusabalala komdlavuza womlomo wesibeletho.
Omunye wabalobi, uDkt Marc Brisson wesikhungo semfundo ephakeme iLaval University eCanada, uthe mukhulu umsebenzi owenziwayo ekutheni kuliwe nokusabalala kweHPV njengoba ethe iningi lamazwe selishintshe izinhlelo zokuhlinzeka ngalo mgomo - amanye abewuhlinzeka kathathu kodwa ashintsha awuhlinzeka kabili. Uthe okunye abakubonayo wukuthi nemishanguzo yokugoma iya ngokuya iba ngcono njengoba isikwazi ukulwa nezinhlobo ezehlukene zeHPV.
“Ngenxa yemiphumela yethu sikholwa wukuthi okwanxuswa yiWHO - ukuthi kuqedwe ngomdlavuza womlomo wesibeletho uyinto engenzeka emazweni amaningi uma nje engakwazi ukuthi aqinisekise ukuthi izinhlelo zawo zokugoma ziyasatshalaliswa futhi zikhuliswe,” kusho uBrisson.
Okukhathaze abalobi balo mbiko wukuthi iningi lemininingwane abebesebenza ngayo bekuyiminingwane evela emazweni asethuthukile. Bathe lokhu kubakhathaza kakhulu ngoba iHPV nomdlavuza womlomo wesibeletho kudlange kakhulu emazweni adla imbuya ngothi nalawo asathuthuka.
Baveze ukuthi kunzima ukuthola imininingwane yamazwe adla imbuya ngothi namanye alawo asathuthuka ngoba iningi la lamazwe aliyigcini ngendlela imininingwane ngokwenziwayo ukulwa nalesi sifo. Bathe amanye amazwe agcina ngokuba ngemininingwane ekhuluma ngezinhlelo zokusebenzisa umgomo weHPV kodwa ingabi bikho ekhombisa ukuthi yini esiyenzekile kusukela setshenziswe umgomo.