KUNGASE kuqiniswe unswinyo ezindaweni okubhoke kakhulu ukubhebhetheka kwegciwane leCoronavirus uma kuwukuthi ezempilo ziyehluleka. Lokhu kudalulwe nguNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize,ehambisana nabaluleki nongoti bezempilo, esithangamini sabezindaba izolo.
UMkhize uthe uma ukuziphatha nokunyakaza kwabantu kwenza kube nzima ukunqanda ukubhebhetheka kweCovid-19, uhulumeni uzophoqeleka ukuqinisa imithetho.
"Uma kusho ukuthi akunyakazwa, kuzofanele sibhekane ngqo nalokho..kanjalo nje."
UNgqongqoshe uze wenza isibonelo ngezinyathelo ezathathwa esifundazweni saseChina, iWuhan, lapho iCovid-19 yaqala khona, okubalwa kuzo ukulawula abantu ukuthi baya nini ukuyothenga izinto ezisemqoka ezitolo.
Uhulumeni usanda kudalula amadolobha amakhulu ayisikhombisa nezifunda ezinhlanu ezinenani eliningi labantu asebehaqekile kwabangu100 000.
ICape Town okwamanje iyona esazihola phambili ngesibalo sabantu abangu127 kwabangu100 000. UMkhize uthe uma kutholakala ukuthi ukungaqhelelani kwabantu nendlela abaziphatha ngayo inomthelela ekubhebhethekeni kwaleli gciwane.
INingizimu Afrika seyiwelela esigabeni sesithathu ngoMsombuluko ngenhloso yokufukula umnotho kodwa iWestern Cape, okuyifundazwe esesinesibalo esiningi sabantu asebehaqikile, sishaya phansi ngonyawo ngalesi siphakamiso ngoba isola ukuthi kuzobeka impilo yabantu engcupheni.
Umluleki okhethekile kaMkhize ngeCovid-19, uSolwazi Salim Abdool Karim, uthe ukutheleleka kwabantu eCape Town kwande kakhulu enxanxatheleni yezitolo nasema-supermarket ngesikhathi kusesesigabeni sesihlanu sokuvalwa thaqa kwezwe. Uthe izibalo ziyaphindaphindeka eWestern Cape njalo ezinsukwini eziyisishiyagalolunye uma kuqhathaniswa neGauteng eziphindeka ezinsukwini ezingu24 nase-Eastern Cape eziphindeka ezinsukwini ezingu-12. Kulindeleke ukuthi izibalo ziphindeke njalo ezinsukwini ezine kuya kwezinhlanu.
"Kufanele sibheke amalangabi bese siyawacisha ngaphambi kokuba abe wumlilo wequbula," kusho uKarim.
Uthe singase sande kakhulu isibalo sabahaqekile njengoba leli gciwane lilokhu libhebhetheke njalo.
"Sizobona okunye ukuqubuka kwalo, sesikubonile ezimayini ezinsukwini ezimbalwa ezedlule kodwa akufanele sixhamazele ngokuvala yonke into. Uhulumeni usanda kugunyaza umkhandlu obhekene neCovid-19, iNational Coronavirus Command Council (NCCC) ukuthatha isinqumo, ngezincomo zikangqongqoshe, ukuba kusukwe esigabeni sesine, kubuyelwe kwesesihlanu uma eminye imizamo ingaphumeleli ekunqandeni ukubhebhetheka kweCoronavirus emphakathini wakuleli.
UKarim uyincome kakhulu imizamo yeWestern Cape yokuhlonza izindawo okwanda kakhulu isibalo sabantu abahaqekayo. Esephetha uthe okwamanje izindlela zokunqanda ukubhebhetheka kwaleli gciwane kuseyikho ukuhlanza izandla nokuqhelelana. Ukugxeke kakhulu ukufuthwa kwabantu ngezibulalimagciwane ngoba kunobungozi. "Lokhu akufanele kuvunyelwe."