A KUYONA imfihlo ukuthi isimo somnotho sesishaye sazwela ebantwini eNingizimu Afrika futhi kubhekeke ukuba izinto ziye ngokushuba kakhulu njengoba kuqhubeka unyaka ngenxa yamandla omnotho.
Enye into eshaya kakhulu abantu ukubiza kwezimoto ezintsha, yingakho nje kuxwayiswa labo abasezinhlelweni zokuthenga izimoto ezintsha kulo nyaka ukuthi bazibhekisise kahle futhi benze isiqiniseko sokuthi namaphakethe abo ajulile.
Ngokusho kwenhloko engungoti kwezemishwalensi kwa-integriSure uLizette Erasmus, into ephambili abantu abayibhekayo uma bethenga imoto kulesi sikhathi yinani layo.
Inani lemoto libaluleke kakhulu kulesi sikhathi njengoba nesimo somnotho sintengantenga eNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele.
Uthi abantu kumele bakubeke emqondweni ukuthi uma bebheka inani basuke bengabheki nezindleko zokugcina imoto njengokuyilungisa, umshwalensi, i-service nokunye.
Uveza ukuthi kubalulekile uma umuntu ethenga imoto esisebenzile, esikhathini esiningi esuke isindala isidinga ukunakekelwa okungaphezulu kunemoto entsha.
Abantu baxwayiswa ngokuthi ukwehla kwamandla erandi nakho kunomthelela ekunyukeni kwentengo yamaphathi ezimoto ikakhulukazi ezimotweni eziqhamuka emazweni angaphandle.
Ukuthenga imoto eyakhiwa kuleli bathi kungasiza ekunciphiseni izindleko. Ezinye zezinto umuntu okudinga azibheke ngaphandle nje kwephakethe lakhe ukuthi uzokwazi yini ukumelana nezindleko zansuku zonke zemoto ayithengayo. Lokhu kubalulekile ngoba nokuthelela imoto kuhambisana nokuthi injini yayo ingakanani. Kusanda kuvela nokuthi izingozi zomgwaqo ezweni zidla uhulumeni wakuleli imali elinganiselwa ku-R306 billion ngonyaka.
Kubalulekile nokukhetha umshwalensi ongabizi kakhulu. Ngokusho kukaLizette, baningi abantu abangakuboni ukubaluleka komshwalensi eNingizimu Afrika kodwa baze baqwebuke amehlo sebefaka khona izicelo.
Uthi kuleli kubashayeli abathathu, oyedwa kubo usuke engenawo umshwalensi.
Uthi kuyingozi nokuthatha umshwalensi ongayikhavi yonke imoto ngoba uma kwenzeka wehlelwa yingozi noma imoto intshontshwa ungaba kwenkulu inkinga.
Enye into abantu okumele bayilindele ukunyuka kwemali yomshwalensi ehambisana nokwehla nokwenyuka komnotho.
ULizette uthi lokhu akumele kuthene abantu amandla ekutheni bathathe umshwalense ozobavikela ngezikhathi ezinzima.
Kubalulekile nokubheka ukuthi umshwalensi owuthathayo uyahambisana nesikhathi semoto yakho nokubheka nemali ongayithola uma uyidayisa.
Lokhu kusemqoka ngokuthi kuthi noma imoto yakhe intshontshwa umshwalensi wakho ukwazi ukuyibuyisela.
“Kumele ubheke izinto eziningi njengokuthi nje ngo 2015 kudunwe izimoto ezingu-12 773 kwabikwa namacala azo, okuyisibalo esikhule ngo-14.2% uma kuqhathaniswa nango-2014,” kusho uLizette.
ULizette uthi ukuthenga imoto entsha kumnandi futhi kukukhulula nasemoyeni kodwa uxwayisa ngokuthi ungagembuli, uma kukhona lapho ongacacelwa kahle khona kumele ulinde uze uthole iseluleko.