KUPHAZAMISEKE ukubhalwa kwezivivinyo ezikoleni zamabanga aphezulu ezintathu, eNgonyameni umphakathi uvale imigwaqo ngamathayi avuthayo ufuna intuthuko.
Abafundi baseSikhwama, iNwabi, naseMhawu High abazange babhale iGeography iphepha lokuqala neBusiness Studies, izolo , umphakathi uvale imigwaqo engenela kulezi zikole ngamatshe, izingodo namathayi avuthayo, ufuna amanzi, izindlu nemigwaqo yetiyela.
NgoMsombuluo abafundi bakhishwe ezikoleni kuthiwa abajoyine imashi ephethe ngokuthi kushiswe inkantolo yesizwe, iVumengazi Tribala Court.
UNksz Zinhle Ngcobo uthe sebekhathele ukukha amanzi ngezigubhu ekubeni benompompi abangaphumi amanzi. “La manzi akhetha amabala, ngasemzini walo ikhansela eMadundube ayaphuma.”Ikhansela lendawo uMnuz Mbuyiseni Mkhize lithe inkinga yamanzi idalwa ukuthi ompompi bafakwa engekho amadamu okugcina amanzi. Lithe iwadi yakhe amanzi iwathola emadamini amabili, ingxenye engaseMadundube iphakelwa yiStone yona ayinankinga, enye ingxenye enenkinga yafakelwa amanzi engekho amadamu enele okugcina amanzi.
Umphakathi waseNgonyameni obuvale imigwaqo ukhala ngentuthuko, ngenxa yalo mbhikisho abafundi bezikole ezintathu zamabanga aphezulu ababhalanga izivivinyo ezandulela ezokuphela konyaka. Video PHILI MJOLI
“Lolu daba siyalulungisa, njengamanje likhona idamu elakhiwe seliyabiywa. Umphakathi ngiwubizile ngawuchazela ngalokhu ngeledlule. Ngiphinde ngawazisa ukuthi sizofaka amathangi awojojo, okuzofakwa kuwo amanzi ukuze wonke umuntu awathole amanzi kusalindwe ukuthi kulungiswe amapayipi onakele ngenxa yokuthi amanzi abengekho. Umphakathi wakuvuma lokho kodwa inkontileka eyayifaka ojojo yashaywa.”Uthe kulowo mhlangano wawubikela umphakathi ukuthi uhlelo lwezindlu zakule ndawo seluphasisiwe, luzoqala maduze, ngezindlu eziwu-500. Ngasohlangothini lomgwaqo uthe ulungiswa umnyango kodwa wakhuluma nawo, uD1031, uD1071 uyalungiswa, inkontileka isekhona ithela inkwali kuD2431, wathi le migwaqo ifakwa inkwali wawuchaza ukuthi okwamanje ngeke ufakelwe itiyela.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe uMnuz Scelo Khuzwayo, uthe kuyadumaza ukuthi umphakathi uma unesikhalo ngentuthuko uvimbele abafundi ukubhala.
UMnuz Mandla Nsele okhulumela umasipala uthe kukhishwe izithunywa zikamasipala ukuthi ziyohlangana nomphakathi, uzophendula uma sebethole umbiko ophelele ngalolu daba.