OWAYENGUMENGAMELI wezwe, uMnuz Jacob Zuma uthe kubalulekile ukuthi acacise ngeminyaka eyisishiyagalolunye edlule esichazwe njengeminyaka engalethanga lutho olungcono ezweni.
NgeSonto uZuma ubhale ekhasini lakhe kuTwitter ukuthi akusilo iqiniso ukuthi eminyakeni eyisishiyagalolunye ephethe akubanga nenqubekelaphambili ngoba weza nemithetho eletha uzinzo ezweni.
“Amalungu e-ANC anelungelo lokukhuluma lokho akuthandayo kodwa kufanele akhulume iqiniso. Iminyaka eyisishiyagalolunye edlule yeza nozinzo eNingizimu Afrika, kwakucacile ukuthi imithetho eshaywayo ezweni izoletha impilo engcono kubantu. Wonke uhulumeni we-ANC usebenza ngosomqulu wokhetho. Uhulumeni uba nesabelozimali esiphasiswa yiPhalamende. Kuba yiPhalamende futhi elibheka ukuthi izinhlelo zikahulumeni ziyaqhubeka,” kusho uZuma.
IN THE PAST 9 YEARS THERE HAS BEEN POLICY CERTAINTY
Read: https://t.co/i1tUHK0ouy
— Jacob G Zuma (@PresJGZuma) April 14, 2019
Uthe kule minyaka eyisishiyagalolunye edlule konke obekwenzeka bekulandelwa umthetho akukho lapho ebezithathela khona izinqumo yedwa.
“UMengameli waseNingizimu Afrika akayena undlovukayiphikiswa, akazinqumeli yedwa ukuthi kufanele kwenzekeni. Izinkulumo zokuthi ngesikhathi ngiphethe kwakungacaci ngenqubomgomo azilona iqiniso. Abantu akade bekuhulumeni bayazi ukuthi bekunozinzo ngemithetho yaseNingizimu Afrika. Akekho umuntu ongathi iminyaka eyisishiyagalolunye edlule ibingasho lutho ikakhulukazi labo abangamalungu e-ANC,” kusho uZuma.