I-EFF ithi belivikela umholi weqembu uMnuz Julius Malema ilungu laleli qembu ePhalamende elidedele ugesi wempama ngemuva kwenkulumo yesizwe ebiyethulwa umengameli Cyril Ramaphosa izolo, eKapa.
Ilungu le-EFF ePhalamende uMnuz Marshall Dlamini livulelwe icala lokushaya ngoLwesinhlanu kulandela ukuvithiza ngempama iphoyisa lasePhalamende uWarrant Officer Johan Carsten.
Ivideo yalesi sigameko ibiyaluza ezinkundleni zokuxhumana abantu beshaqwa yilesi senzo kwazise leli qembu libonakale lize ngokuthula ePhalamende kulokhu.
Esitatimendeni esikhishwe i-EFF iveze ukuthi konke okwenzekile ingoba bebevikela umholi wabo.
Okhulumela iqembu uNksz Nompumelelo Simango uthe impilo kaMalema ibisengcupheni njengoba bethole ukuthi kunetulo lokumsoconga ngesikhathi kuqhubeka inkulumo yesizwe.
“Sazisiwe ukuthi kunabaholi abasemaphoyiseni abasebenzisana nabathize abangahambisani nemigomo yethu bafuna ukuthatha impilo yomholi weqembu njengendlela yokunqanda umzabalazo wokudliwa komhlaba ngaphandle kokunxephezela, okuzoba semthethweni maduze.
Sithole ukuthi abezokuphepha ePhalamende, phecelezi ama ‘white shirts’ sebesebenzisana nalaba bantu kanti bebefuna ukusebenzisa iSONA ukubulala uMalema. Bebenethemba lokuthi i-EFF izosusa umsindo ngaphakathi bese iyaxoshwa ikhishwe ilabo nogada bamayembe amhlophe. Bebehlela ukwenza imsebenzi yobumnyama kahle uma sekuxokozela,” kuchaza yena esitatimendeni.
Uthe impama ilandele ngemuva kokuthi iphoyisa lasePhalamende lidonse ngesihluku uMalema.
USimango uphinde waveza nokuthi i-EFF ngeke isatshiwe yile mibiko.
Amaphoyisa asePhalamende asigxekile isenzo selungu le-EFF aveza nokuthi livulelwe icala lokushaya.
-African News Agency