AKUMTHUSANGA umhlaziyi wepolitiki ukuqokwa kukaMnuz John Steenhuisen njengomholi wesikhashana weDA.
Umhlaziyi wepolitiki ozimele uMnuz Thabani Khumalo uthe akumthusi ukuqokwa kukaSteenhuisen ngoba umbiko kaMnuz Tony Leon nethimba lakhe wacacisa ukuthi iyanhlanhlatha iDA ebiholwa wuMnuz Mmusi Maimane.
“I-DA isibuyele kubanikazi bayo manje futhi angingabazi ukuthi uSteenhuisen uzoqokwa njengomholi ngonyaka ozayo. Besivele sikulindele okwenzekile, uMnuz Makashule Gana (obencintisana noSteenhuisen) ubengenawo amathuba okunqoba uma ubheka umbiko kaLeon. Sizobona abaholi abamnyama behoxiswa ngenxa yokuthi ubuholi obukhona bufuna ibuyele kubanikazi bayo iDA iyeke ukuya koNongoma nasemijondolo lapho uMaimane ebeyifaka khona. Ngeke kuyishaye iDA ukubuyisa abaholi abamhlophe ngoba abantu abayivotelayo iningi labo elisemadolobheni lizoqhubeka nokuyivotela,” kusho uKhumalo.
Uthe iDA izoqhubeka nokuba yiqembu eliphikisayo eNingizimu Afrika ngoba abantu abayivotelayo abafuni ukwakhelwa izindlu kodwa bafuna ukulethelwa izidingo ngendlela efanele nokuthi kuliwe nobugebengu.
Kuphinde kwaqokwa uMnuz Ivan Meyer njengoSihlalo weFederal obebanga lesi sikhundla noMnuz Khume Ramulifho noDkt Nomafrench Mbombo.
U-Steenhuisen uthe akazi ukuthi uwine ngamavoti amangaki kodwa uyathemba ukuthi maningi ukuze kube lula ukuthi athathe izinqumo.
Uthe uzosebenza kanzima ukunciphisa izinga lokungalingani ezweni emuva kokuthi ucwaningo lweStats SA luveze ukuthi abamhlophe bahola kakhulu uma beqhathaniswa nabamnyama.
Uthe bazosebenzisana namanye amaqembu ukuhola iGauteng ngoba ohulumeni bokusebenzisana ubabona bezoba yinto ejwayelekile kuleli.
Ngonyaka ozayo kulindeleke ukuthi iDA iqoke abaholi abasha kwazise kuzoba nePolicy Conference ngo-Ephreli ilandelwe yiFederal Congress ngoMeyi.