UBESEHLALA ekubhaceni owesifazane waseMariannhill eDesai, othi kudlwengulwe indodakazi yakhe, yena evalelwe ekamelweni okukholakala ukuthi kwenziwe ngabanye abasolwa abayisishiyagalolunye abaqothwe amaphoyisa entathakusa ngoLwesithathu.
Owesifazane ekhuluma nabezindaba, uthe ukudlwengulwa kwendodakazi yakhe ena-24 ngoJanuwari nonyaka, kushiye yena nomgilwa nezibazi ezisekude ukuphola.
“Sasizihlalele ekhaya ngabo-12 ebusuku ngesikhathi abasolwa abayisithupha ababezifihlile bekhahlela umnyango osekhishini. Bangena bathatha amafoni, amateku ne-TV. Indlu inamakamelo amabili okulala, bangiphushela ekamelweni ngadonsa indodakazi yami encane ena-16 bathi angilale embhedini ngimboze ngengubo nendodakazi yami, omunye umsolwa wasala wadlwengula lena endala eyidlwengulela kwelinye ikamelo,” kubalisa yena
Uthe kusuka lapho washiya ikhaya kanti ngesikhathi abezindaba befika kwakhe ubefaka izimpahla esebuyela emzini wakhe, emva kokuthi ezwe ezindabeni ngesigameko sokudutshulwa kwabasolwa. Uthe unethemba elikhulu emaphoyiseni akuleli. Uthe bese ehlala ethukile selokhu kwenzeka lesi sigameko ikakhulu uma kuphela inyanga ngoba unemiqasho futhi abasolwa babesho ukuthi bafuna imali.
Uthe ubugebengu obebuqhutshwa abasolwa bebumlimaza ngisho ebhizinisini lakhe lokuqashisa aziphilisa ngalo njengoba kunezindlu ezingenamuntu, abantu besaba ukuqasha kule ndawo ngenxa yobugebengu.
Amalungu omphakathi athi okushaqisayo ukuthi abanye balaba abebehlukumeza yizingane ezaziwayo ezikhulele phambi kwabo.
Elinye ilungu lomphakathi elithe linesitolo esincane esidayisa ukudla, lithe bese lisivale izinsuku ezintathu emva kokusongelwa abasolwa abebethi bafuna akhokhe imali ethile ngalo kungenjalo bazolenzakalisa. UMnuz Dawood Chirwari osekomitini elibhekele ubugebengu emphakathini, ekhuluma nabezindaba, uthe namanje usanezibazi njengoba kwadutshulwa kwabulawa indodana yakhe eyahlaselwa ikubo ngo-2020, nodadewabo oshone emva kokudutshulwa ehamba emgwaqweni kuyo le ndawo, asola ukuthi lezi zigameko zenziwa yibona abasolwa.
“Umphakathi walapha ubusuhlukumezeke kakhulu. Uma uzobheka imizi eminingi ayinamuntu nakuba ngingasho ukuthi bakhishwa ngenkani kodwa akekho umuntu ongahlala endaweni abonayo ukuthi akuphephile kuyo,” usho kanje.
Uthe abantu kufanele bajabule ngoba sebezokwazi ukuhamba ngokukhululeka.