NJENGOBA kunenkinga yeCoronavirus ezweni, abadala nabakhubazekile kuleli bazosheshe bayithole imali yempesheni kahulumeni.
Izolo inhlangano ekhipha isibonelelo sikahulumeni iSouth African Social Security Agency (Sassa), ikhiphe isitatimende lapho ithe ngenxa yeCorona bafike esinqumeni sokuba abadala nabakhubazekile basheshe bahole.
“I-Sassa ikhathazekile ngenxa yeCorona nendlela ephazamise ngayo izwe. Kube sekuboniswana kwaphuma isinqumo esithi isibonelelo sika-Ephreli sizosheshe sitholakale ngoMashi 30 no-31, 2020 kwabadala nabakhubazekile. Ngo-Ephreli 1 nonyaka, kuzobe sekuphuma zonke ezinye izibonelelo okubalwa nesezingane,” kusho isitatimende sakwaSassa.
Bathe lena yimizamo yabo yokwehlisa isiminyaminya sabantu abagcwala ezitolo, emadolobheni nasemabhange uma bezohola imali yesibonelelo sikahulumeni.
I-Sassa ithe labo abahola emholweni bazokwazi ukuthola imali yabo kusukela ngo-Ephreli 3 nonyaka, bese kuzoya ngokuthi lapho uhola khona iluphi usuku okuholwa ngalo.
AbakwaSassa bathe labo abafakelwa imali ebhange, uma isingenile ngeke isaphuma. Banxuse abahola emabhange ukuba bangayikhiphi yonke imali yabo kodwa besebenzise ezinye izindlela okubalwa ukusebenzisa ikhadi uma bethenga, kunokheshi.
Ezikhungweni okuholelwa kuzo, bathe kuzoqinisekiswa ukuthi kunokuhlanzeka. Kuzophinde kuqikelelwe ukuthi abeqi ku-100 abantu abasizwa ngesikhathi.
AbakwaSassa banxuse ukube abantu beshintshe indlela yokwenza izinto ikakhulukazi kwinhlazeko nokugeza izandla ngaso sonke isikhathi.