BAZOSALA dengwane abagibeli abathembele ematekisini asebenzela ezandaweni ezakhele iTheku, kuze kubhekwana ngqo nezikhalo zabamatekisi abasola uMasipala ngokushaqa amatekisi abo.
Lokhu kuqinisekiswe yiPhini likaSihlalo weThekwini Metro Taxi Council uMnuz Yusuf Khaliva ekhuluma neSolezwe izolo, emva komhlangano nabaholi kule mboni abavela ezifundeni ezinhlanu ezingaphansi kweTheku.
Uthe sebekhathele ukusebenzela uMasipala weTheku ohleze ushaqa amatekisi abo emgwaqweni uphinde unikeze izinhlawulo ezingenasidingo abashayeli babo ezinye eziphindwe kahlanu emalini abayiholayo.
“ Izimoto zikhishwa ama-disc, okufike kube buhlungu ukuthi kwesinye isikhathi iphoyisa liyikhipha kanti kuzoqondana nokuthi lihlabe ikhefu emsebenzini. Uma usulungiselela ukuthi imoto yakho uyoyithelela, bese utshelwa ukuthi ngeke ukwazi ngoba imoto yakho ayimisiwe, okuthi uma ulandelela ukuthi ayimisiwe ngani emgwaqweni ekubeni isihlubulwe i-disc, kuthiwe kusanenkinga ngomshini oveza imininingwane yemoto. Lokhu kugcina ngokuthi izimoto zipakwe emakhaya zingakwazi ukuphuma zisebenze ngephutha okungesilona elabanikazi bamatekisi, kodwa likamasipala,” kusho uKhaliva.
Uthe okunye okubaphatha kabi, ukungakhishwa kwezimvume zokusebenza yilo masipala, kodwa amaphoyisa aqhubeke ashaqe amatekisi abo ekubeni abanikazi bamatekisi bazifaka izicelo zezimvume, kodwa kuze kube manje abakazitholi.
Udaba lwezimvume zabamatekisi aluqali ukuba yinkinga, njengoba phambilini abamatekisi banquma ukuteleka, kodwa uKhaliva uthe isinqumo ababefinyelele kuso nomasipala ukuthi kukhona okuzonikezwa labo abafake izicelo abasalinde izimvume bebe beqhubeka besebenza kuze kube kuxazululwa udaba lwezimvume, kodwa lokhu kwagcina kungenzekanga njengoba ethe amaphoyisa aseqale phansi ashaqa amatekisi abo.
Okhulumela uMasipala weTheku uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe umasipala unomthwalo wokuqinisekisa ukuthi imithetho iyalandelwa.
“Akukho lapho kuzoyekwa khona abaphula umthetho futhi akukho ukwesabisa okuyophoqa umasipala ukuthi ugudluke emthethweni. Kodwa ngasosonke isikhathi umasipala uhlale uvule izandla ekutheni kuboniswane ngendlela eyakhayo nezinhlaka ezithintekayo, ” kusho uMayisela
Odabeni oluthinta izimvume zokusebenza abamatekisi abakhala ngazo, okhulumela amaphoyisa kuMasipala weTheku uSenior Superintendent Parboo Sewpersad, uthe yinkinga engahlangene nomasipala kodwa ethinta ngqo uMnyango wezokuThutha esifundazweni.
UMnuz Kwanele Ncalane woMnyango wezokuThutha ucele ukunikezwa ithuba athole imininingwane ngalolu daba wathembisa ukubuyela entathelini kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Ngaphandle kwezimvume, abamatekisi bagxeke umasipala ngokungahlinzeki ngemizila ezosetshenziswa ngamatekisi emigwaqweni emikhulu esenkabeni yedolobha, abathe kwenza abashayeli bazithole sebegixabezwa ngamathikithi kungenasidingo uma bethatha noma behlisa abagibeli. Uthe evile ku-30 amatekisi aseshaqiwe.