BAZOLULEKWA ngokomqondo abafundi nothisha baseSomashi High, KwaDolo, eMsinga, uthishanhloko wabo odutshulwe phambi kwabo washona emagcekeni esikole emini ngoLwesihlanu.
Isenzo sokubulawa kukaMnuz Mzweleni Zuma sishiye abafundi, othisha namalungu omphakathi bethukile.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, uthe abafundi nothisha bazolulekwa ngokwengqondo kanti kulindeleke ukuthi babe semagunjini abo okufundela namhlanje ukuze baqhubeke nokulungiselela izivivinyo zabo zokuphela konyaka.
Ebuzwa ngezinga lokuphepha ezikoleni uthe izinto ezigcina seziba nomthelela omubi esikoleni yizinto ezisuke zenzeka emphakathini ozungeze isikole.
Uthe yingakho kunxuswa umphakathi ukuthi uvikele izikole odlameni noma ebugebengwini obungazichaphazela.
Uqhube wathi batholile ukuthi ukubulawa kukathishanhloko kuhlangene nezimpi ezithinta umphakathi wathi kuyishwa ukuthi udutshulelwe esikoleni, okucacayo ukuthi ababulali babuke isikole njengendawo elula lapho bengamdubulela khona.
Kuvele namahlebezi athi ukubulawa kwakhe kungenzeka ukuthi kungenxa yempi eqhubekayo ephakathi kwezibongo ezimbili esakwaZondi nesakwaZuma endaweni.
Umthombo uthe abazali bese bevele bekungabaza ukuthumela izingane esikoleni ngoba kuneziqubu ehlaselwa kodwa asinde.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuboshwe abantu abayisithupha ababanjwe amaphoyisa bebaleka ngemoto abayidune omunye uthisha emuva kokushisa eyabo ebangeni elingamakhilomitha ambalwa ukusuka endaweni yobugebengu.
Ababoshiwe bavela namuhla eNkantolo yeMantshi yaseGreytown kanti uColonel Mbele, uthe batholwe nesibhamu esikhulu nezimbili ezincane, amafoni awu-8 nemoto eduniwe.