BAZONEKELWA izwe, bashushiswe abazotholakala neziqu ezingombombayi.
Lesi sexwayiso sikhishwe nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande, othe siyanda isibalo sababanjwa neziqu ezingombombayi kuleli.
Uthe labo abatholakala ukuthi bakokotele iziqu bazonekelwa izwe babuye bashushiswe.
“iziqu zomgunyathi zibeka engcupheni imfundo yakuleli. Yingakho silandela imigudu ethinta umthetho ukuze labo abatholakala bekokotele iziqu amagama abo siwabhale ohlwini oluzonekelwa izwe. Izwe liyaziqhenya ngemfundo ephakeme nezinga ekulo yingakho singafuni kube nabazojivaza, behlise isithunzi seziqu zakuleli,” kusho uNzimande.
Uthe umthetho ukubeka kucace ukuthi kungukuphula umthetho ukukhipha iziqu zomkokotelo.
Usho lokhu nje iSouth African Qualifications Authority (SAQA) ikhiphe izibalo eziveza ukuthi kusuka ngo-Okthoba 1 kuya kuDisemba 31 nyakenye, kubanjwe iziqu zomgunyathi ezingu-52 zakwamanye amazwe, nezingu-17 zakuleli.
“Ekupheleni kukaJanuwari kulo nyaka zingu-1 276 iziqu okutholakale ukuthi zingombombayi. Kulezi ezingu-444 ezakuleli kuthi ezingu-832 ngezabokufika. Kudluliswe amacala angu-78 koKlebe ukuze baphenye ngalezi ziqu zomgunyathi,” kusho umbiko weSAQA.
ISAQA isanda kushicilela kusomqulu kahulumeni, iGovernment Gazette ukuthi abazotholakala nalezi ziqu kumele banekelwe izwe.
Isikhulu seSAQA, uMnuz Joe Samuels, sicashunwe sithi imibiko yabezindaba ngezikhulu zikahulumeni ezitholakala ukuthi zikokotele iziqu yenze umphakathi wavula amehlo ngeziqu okungezona.
Uthe amanyuvesi abhekene nenkinga yokuthi abafundi abafuna izikhala baletha izitifiketi okungezona ukuze bamukelwe.
“Abanye baze baqokelwe ezikhundleni ezingabafanele ngoba besebenzise iziqu zomgunyathi. Lokhu kukwenza uzibuze ukuthi ngabe bakulungele yini ukuba kulezi zikhundla,” kusho uSamuels.
Ziningi izikhulu okutholakale ukuthi zisebenzise iziqu ezingombombayi okubalwa kuzo obeyisikhulu esiphezulu sakwa-SABC, uMnuz Hlaudi Motsoeneng, owayekhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMnuz Vincent Mdunge, owayenguSihlalo webhodi lakwa-SABC, uNksz Ellen Tshabalala, owayeyinxusa laseJapan, uDkt Mohau Pheko nabanye. Uma sekuphasisiwe ukuthi lube khona uhlu lwabantu abaneziqu ezingumkokotelo, luzonekela izwe imininingwane yabathintekayo uma betholwe benecala yinkantolo.
Luzofaka namagama alezo zikhungo ezingalandeli imigomo yeSouth African National Qualification Framework kodwa uma inkantolo izilahle ngecala.