UMASIPALA weTheku noMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zasemakhaya baqwashisa abantu baseMlaza, ngokubaluleka kokujova izinja namakati njengoba kuleli lokishi kutholakale izinja ezinamarabi.
Uphiko lwezeMvelo neNhlanzeko kuMasipalal weTheku nomnyango bahambele kule ndawo beyojova izinja namakati.
UMnuz Sbu Mazibuko woPhiko lweMvelo neHlanzeko kuMasipala weTheku, uthe baye eMlaza emva kokuthi izinja eziningi zakuleli lokishi zitholakale ukuthi zinamarabi.
Uthe bona baqwashisa umphakathi ngamarabi bese aboMnyango wezoLimo beza nemijovo namakhadi afakazela ukuthi ziwutholile umjovo.
UNksz Queen Duma woMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zamakhaya, uthe kubalulekile ukuthi izinja zijovelwe amarabi ngoba yisifo esiyingozi.
Uthe izinja ziba nolaka zilume abantu kanti amakati avamise ukuklwebhana uma engenwe yilesi sifo.
Uthe kunabantu abalunywe yizinja eMlaza naseMbumbulu, kwatholakala ukuthi banamarabi.
“Ngemva kokuthi abantu belunywe yizinja kube nomkhankaso wokuzihlola sathola ukuthi zinamarabi. Sibe sesiqala ukuza kuleli lokishi ukuze sijove izinja eziningi. Siyaya nakwezinye izindawo kodwa okwamanje sizogxila eMlaza, ngoba yiyona ndawo enezinja eziningi ezinamarabi,” kusho uNksz Duma.
Uma abantu belunywa yizinja noma beklwejwa amakati uNksz Duma, uthe kubalulekile ukuthi bacele incwadi yokugonywa kwenja noma kwekati ukuze kubonakale ukuthi ayinawo amarabi.
Uma ingekho le ncwadi uthe abantu kufanele baphuthume emtholampilo basho ukuthi balunywe yinja noma baklwejwe yikati ukuze bajovelwe ukuvikela amarabi.
UManqoba Shozi obehamba nomfowabo ukuzojova inja yabo uSasha oneminyaka emibili, uthe;
“Siyajabula ukuthi umasipala asilethele abezolimo ukuze basijovele izinja. Ngokujwayelekile kuyaye kuthengwe imithi ekhaya bese simjova thina. Kuhle ukuthi basijovele mahhala ngoba basinika nencwadi eshoyo ukuthi ujovile,” kusho uManqoba.
Abakwamasipala bathe kubalulekile ukuthi abantu bagcine amakhadi okugoma izinja nokuthi bazihambise kwaSPCA oseKloof noseManzimtoti osizayo ukuzijova mahhala.
Uhlelo lokugoma eMlaza lumi kanje:
Izolo beluKwaNdosi Ezikrebheni nakuMalusi Cele nakwaMlambo Tuckshop. Namhlanje luzoba seZimbokodweni Primary naseShashalazini ngaseFaith Mission kwaY.
NgoSepthemba 7 luzoba seMakhehleni, eMalukazi nasezinkundleni zemidlalo eSiphingo Primary nasemahhovisi ekhansela lakwa-U. NgoSepthemba 8 luzoba eduze kwaseBP Garage kwaQ, Sizwakele Primary, Ezitolo zakwaQ nezakwaP.
Abanikazi bezinja namakati bangashayela u-031 902 6253/031 3113555 ukuthola iminingwane ngalolu hlelo.