NKOSIKHONA CELE
IBHANTSHI ligcwale umoya kubefundisi ababili abagingqane ngesibhakela, beficana enyangeni eKorinte, eMzimkhulu.
INhloko yeJerusalem Church in Zion kuzwelonke, u-Archbishop Zakhele Mchunu, ngesonto eledlule ibambe umhlangano ophuthumayo nesigungu esiphezulu esengamele ukusebenza kwebandla, bavumelana ngo "elethu” ukuthi uMfu Skhakhane noMfu Zikhali abebeyokhendla enyangeni, baxoshwe.
Kuvela ukuthi u-Archbishop Mchunu ubashayele ucingo bobabili ebazisa ngokuxoshwa kwabo ebandleni.
Kuthiwa uze wababhuqa wathi ubafisela inhlanhla ebandleni labo lomuthi abazolisungula ngokubambisana.
Bebuzwa ngokuxoshwa kwabo, baphikile bathi bona basengamalungu ebandla.
UZikhali wesabise ngokuthi uzophuma nabo bonke abazalwane begatsha lakhe ngoba bashunyayezwa nguyena.