KUVUKE umunyu ezithamelini intombazane eneminyaka ewu-17 ichaza ngosizi oluthwelwe wunina ngenxa yokuthola umntwana onebala elimhlophe.
UZenande Gwayi waseManyaleni, eBayview, eChatsworth ubekhuluma emcimbini wokuxwayisa ngokuhlukunyezwa kwabantu abanebala elimhlophe eGugu Dlamini Park, eThekwini izolo.
Uthe unina, owondla yedwa abantwana abayisithupha, useze wayeka ukubamba amatoho emajalidini ngoba egade yena.
“Uyeke ukusebenza ngonyaka odlule ngemuva kokusabalala kwezindaba zokuthi kukhona abafuna ukusibulala. Nami sengiyesaba nokuya esikoleni njengoba ngingayile. Ngiyacela abantu bayiyeke le nto ngoba iyasihlukumeza emphefumulweni nasenyameni,” kusho lo mfundi kaGrade 10 eChatsworth Senior Secondary.
UZenande uthe uyise wakhulelisa unina maqede wamlaxaza kanjalo nezingane.
Imbongi yoKhozi FM uBongani Mavuso, ithe akufanele babandlululwe abantu abanebala elimhlophe ngoba nabo bangabantu. Unxuse umphakathi ukuba umthande futhi umvikele uZenande ngoba kungenzeka ukuthi uwumengameli wezwe wakusasa.
Umsakazi weZwi Lomzansi * -Andile ‘MC Pholobas’ Ngcobo, uthe naye walimala ekhanda ngesikhathi abahlengikazi besinye sezibhedlela zaKwaMaphumulo benqaba ukubelethisa unina ngoba bethi ukhulelwe umlungu.
Uqede ukusho lokho maqede wasukumisa unina uNksz Thandi Ngcobo wasebukhosini baseMalangeni, eNdwedwe, amncome kakhulu ngokungamlahli.
UMC Pholobas, ongumsunguli walo mkhankaso nenhlangano iMasiqoqane Albinism Foundation, ubuye waveza ukuthi uyise wakhulelisa unina maqede wamshiya ngoba ethole ingane enebala elimhlophe.
Umculi kamaskandi uBuselaphi naye uthe abantu abanebala elimhlophe abasiwo umuthi kodwa ngabantu.
“Sisuke le eGoli ngenxa yokuzokweseka lo mkhankaso.”
Uqede ukusho njalo wadlala izingoma zakhe okubalwa kuzo ethi Gabi Gabi.
Ngemuva kwezinkulumo kube sekungena abaculi abahlukahlukene okubalwa kubo uGqumeleni, Ozungezwayo, Amafuze Amahle nabanye.
Lo mcimbi oxhaswe yiZwi Lomzansi 98.0 FM noVodacom, uzophothulwa eLindelani eThekwini namhlanje ngo-10 ekuseni.