BAHLALELE ovalweni othisha abafundisa eNanda okusatshalaliswe ubuso babo ezinkundleni zokuxhumana besolwa ngokudayisa izitho zomzimba.
UNkk Nonhlanhla Dorning (48) noMnuz Bhekumenzi Dorning (48), abazifikele mathuba emahhovisi eSolezwe izolo bezokhuluma ngezinsolo baphinde bageze negama labo, basola isihlobo ngokusabalalisa into engekho kuFacebook esikhiphe ikheli nezikole abafundisa kuzo.
Bathe kabezwani nesihlobo, abasondelene naso, manje sesizama ukuthunaza isithunzi sabo.
Umlayezo, osuthunyelwe nakwezinye izinkundla zokuxhumana, unxusa abantu ukuthi bathinte amaphoyisa uma bebabona ukuze kuphephe izingane. Bathe sebefundise iminyaka engaphezu kwewu-10 kodwa manje ukusabalala komyalezo kubabeka kabi emphakathini.
Izingcingo zabo bezilokhu zikhale njalo bethintwa ngabantu abalokhu bebabuza ngomyalezo kusukela ufakwe kuFacebook ngoLwesihlanu.
UNkk Dorning, ofundisa esikoleni samabanga aphansi iLangalibalele Primary, uthe uthole ucingo obeluvela komunye umngani wakhe ngoLwesihlanu embuza ukuthi useyibonile yini into ebhalwe ngabo kuFacebook.
Umngani wakhe ubathumele wona kuWhatsApp.
Uthe kumanje balokhu bethola izingcingo kubantu bebabuza ngawo. Abanye bayabatshela ukuthi bayabona ukuthi kunomuntu ozama ukudicilela phansi isithunzi sabo.
“Le nto ibucayi kakhulu, ikakhulu ngoba kunezinto ezikhulunywayo ngokushushumbiswa kwabantu. Asizizwa siphephile ngoba abantu kabacabangi ngendlela efanayo. Sisaba nokuthi impilo yezingane zethu ayiphephile ngoba nazo iyazithinta le nto.”
UDorning ofundisa eMandlethu Secondary, eNanda, uthe sekunzima nokulala ebusuku ngenxa yokusabalala kwemibiko.
“Sekunzima ngisho ukuphuma endlini ngoba abantu bakhombisana ngathi. Okubuhlungu wukuthi le nto ekhulunywayo yinto engekho kodwa manje seyisabalele. Abanye abantu bayaqonda ukuthi ngeke sithinteke entweni efana nalena kodwa abanye abantu ngeke wazi ukuthi bayithatha kanjani le nto,” kusho uDorning.
Uthe bayathemba ukuthi amaphoyisa azothola ukuthi ngubani osabalalise lokhu ngabo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa ayaphenya ngodaba kodwa akukaboshwa muntu.
Uthe kuvulwe icala ngemuva kokusabalala kwemininingwane edicilela phansi isithunzi sabantu ezinkundleni zokuxhumana.