BATHUKE bashiya ocelemba namafosholo abo abalisa baseCato Crest, eThekwini, ngesikhathi bethola amathambo omuntu endaweni abebezama ukuyintshontsha ukuze bakhe imijondolo yabo izolo ekuseni. Iqulu lamadoda, elingafunanga namagama alo, lithe belingena kulo mhlaba ngodli laqala labona ikhanda, uma lisondela labona ngezicathulo labona ukuthi ayingangalo lafonela amaphoyisa. Le ndawo iwumhosha oseduze komgwaqo omkhulu oyitiyela ophithizela izimoto, ngaphesheya komgwaqo kunoxhaxha lweminye imijondolo.
"Le ndawo siyibona ingenzi lutho ekubeni siswele izindlu. Besithi siyalungisa sifuna ukwakha kanti kulahlwe umuntu khona. Miningi imikhuba egilwa kule ndawo kuyacaca ukuthi baningi abantu ababulawa balahlwe kanje ngoba bayanyamamala bengaziwa,’’ kusho omunye obekhona kutholakala amathambo. La malungu omphakathi athi ubugebengu budlangile kule ndawo abahlala kuyona. Athi kuvamile ukutholakala kwabantu bebulewe nezimoto zihlinzelwa khona emahlathini aseduze nabo.
"Uke uzwe umuntu ekhala ubumayemaye ebusuku usabe nokuphuma ngoba kuyingozi kule ndawo esihlala kuyona. Angiboni nje ukuthi ukhona umuntu osazobeka umjondolo lapho kutholwe khona amathambo,’’ kusho omunye obekhona endaweni yesigameko.
Ithimba leSolezwe lifike kule ndawo amathambo engakathathwa amaphoyisa esematasa ecubungula lokhu akutholayo ebhala nasemabhukwini awo ethwebula izithombe kuphithizela. Amathambo kuvela ukuthi awomuntu wesifazane thizeni ongakahlonzwa njengoba kutholakale izimpahla zakhe. Kutholakale ama-leggings nesikibha okububende, izicathulo ezi-pink nobhodisi. Amalungu omphakathi abemi izixukwana kubonakala ukuthi ashaqekile. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aphenya kabanzi ngalesi sigameko.
"Kuvulwe idokodo lophenyo emuva kokutholakala kwamathambo omuntu ehlathini eCato Crest ekuseni ngezithuba zehora leshumi. Imininingwane eminingi ayikacacai njengoba kusaphenywa,’’ kusho uCaptain Gwala.