UMENGAMELI Jacob Zuma akayindawo, uzoba nguMengameli kuze kushaye u -2019.
Lokhu kushiwo abebehambele i-rally ye-ANCYL yokweseka uZuma njengoba ebhekene nengcindezi yokuthi aphume esikhundleni ebiseGermiston Stadium, eGoli, izolo ntambama.
Uphiko lwentsha kaKhongolose, obelunongqongqoshe abathile nabanye babaholi be-ANC eGoli lufunge lwagomela ukuthi bazokufa lapho efa khona uZuma.
“UMengameli Zuma unguMengameli namhlanje, uzoba nguMengameli nakusasa, uzophinde abe nguMengameli kuyiwa phambili - akukho okuzomvimba. Noma ngabe ngubani oma endleleni yethu yohlelo lokuguqula izisekelo zomnotho kumele asuke endleni,” kusho unobhala-jikelele we-ANCYL uMnuz Njabulo Nzuza kwaqhuma ihlombe enkundleni.
IMeya yaseKurhuleni uMnuz Mzwandile Masina igxeke abaholi abakhuluma kabi ngoZuma besebenzisa izithangami nabezindaba yathi abalandele imigudu yangaphakathi eqenjini.
UMasina ubegudla isithangami nabezindaba ebesibizwe omakadebebona be-ANC, iCosatu neSACP.
Uthe labo asebejahe ukuba abaholi kumele balinde ukuze bakhethwe.
Umuntu ogqama kunabo bonke yilungu lesigungu esiphezulu le-ANC futhi elinguNgqongqoshe wezaManzi uNkk Nomvula Mokonyane, oshiye umhlangano obuseLuthuli House eyokhuluma kwi-rally.
UNkk Monkonyane uthe iqiniso lizovela ukuthi ongqongqoshe baziswa ngezinguquko kwikhabhinethi.
Ukhwele wadilika kulowo owayenguMengameli uMnuz Kgalema Motlanthe, ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC uMnuz Derek Hanekom nalowo obengungqongqoshe weziMali uMnuz Pravin Gordhan ngokusebenzisa umngcwabo wengqalabutho ye-ANC uMnuz Ahmed Kathrada ukufeza izinhloso zabo.