INTATHELI YESOLEZWE
A madoda angu-12 aboshwe mayelana nesigameko sokudutshulwa nokubulawa kwabantu abathathu erenki yakuBrook Street, eThekwini athi ayezivikela ngokwenzeka futhi avuma nokuthi kwaba yiphutha ukudubula.
Laba basolwa kuvele ukuthi kabawona amalungu ososesheni ababhekene ngeziqu zamehlo ababanga umzila wasePort Shepstone, iZamokuhle neSonke Long Distance Taxi Association.
Lokhu kuvele izolo ngesikhathi evela enkantolo yemantshi eThekwini, encwadini efungelwe efundwe enkantolo yomunye wabasolwa, uMnuz William Kunene, efundwe ummeli uMnuz Jimmy Howse.
Ngokusho kwale ncwadi amadoda angu-11 okukhona kuwo onogada beZamokuhle Long Distance Taxi Association badedela inhlamvu ngephutha kubalisa abangu-12 ababe yingxenye yomhlangano weBerea Long Distance Taxi Association ngoSepthemba 16.
Amadoda avele enkantolo angu-11 njengoba owesi-12 owayekhona, uMnuz Thokozani Sikhakhane esalashwa esibhedlela emuva kokudutshulwa ezinqeni.
Kulesi sigameko kwashona unogada nowesilisa owayezidlulela nomlisa okukholakala ukuthi ungunogada weZamokuhle.
Ososeshini iZamokuhle neSonke Long Distance Taxi Association, bebelokhu benombango ngomzila wasePort Shepstone nerenki yakuBrook Street.
Kule ncwadi efungelwe uKunene uveze ukuthi abasolwa abangu-10 kwabangu-11 bebengabanikazi bamatekisi nonogada abebesebenzela kule renki.
Uthe oka-11 ubengumshayeli wetekisi oboshwe endaweni yesigameko, wayesevele ecashe etekisini yakhe ngesikhathi kusuka isidumo sokubulala.
“Izinsolo zithi singamalungu eSonke Long Distance Taxi Association. Akekho kithina oyilungu leSonke,” kusho incwadi kaKunene.
UKunene uthe emuva kokubheka indlela okusebenza ngayo leya renki babe sebedlulela esitezi sokuqala lapho balinda khona ukuthi imenenja yerenki ibanike izikhiye.
Uthe kulapho bazithola sebengungwe khona ngonogada baseZamokuhle ababatshela ukuthi abahambe.
UKunene uthe ukholwa wukuthi onogada beZamokuhle babesola sengathi bazoba yingozi njengoba base befike esitezi sokuqala.
Uthe kungaleso sikhathi lapho okwaqhuma isibhamu okokuqala, kwadubuleka uSikhakhane ezinqeni. Bathinta amaphoyisa ngesikhathi kuqala ukudubulana.
UHowse uqale ukufunda izincwadi ezifungelwe zabasolwa ngaphambi kokuthi kuthathwe ikhefu letiye.
Izincwadi zalaba abanye nazo ziqinisekise okushiwo ngekaKunene nokuthi kabawona amalungu eSonke Long Distance Taxi Association.
Ngaphandle kukaKunene ona-50, laba abanye abasolwa bangoMnuz Hezekiah Masiteng, 46, uMnuz Xolani Mhlongo, 43, uMnuz Vusi Ngubane, 39, uMnuz Sibongiseni Khanyile, 28, uMnuz Lucas Hlenti, 43, uMnuz Brett Rayner, uMnuz Thulani Dyanti, uMnuz Mandla Nkosi, uMnuz Mhlabunzima Gasa noMuz Mfundo Gcaba.
Umshushisi uMnuz Khumba Shazi utshele iMantshi uMnuz Phumlani Bhengu ukuthi amacala abekwe uSikhakhane ahoxisiwe njengoba esesegunjini labagula kakhulu esibhedlela ngenxa yokulimala kwakhe ngesikhathi kudutshulwa.
Icala liyaqhubeka.