ZISHAYA amakhala izinyunyana zothisha KwaZulu-Natal ngokunyamalala kwezinsiza zokuzivikela ezifundeni ezintathu ezinkulu zezemfundo kulesi sifundazwe.
UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, izolo uthe uthole umbiko mayelana nokunyamalala kwezinsiza zokuzivikela eziningi, esifundeni iPinetown, uMlazi neZululand.
“Ukunyamalala kwezinsiza zokuzivikela kuzokwenza ukuthi ukulungiselela ukuvulwa kwezikole kube nzima. Lezi zinsiza ezinyamalele zingabiza izigidi kanti umnyango awunayo imali yokuzithenga,” kusho yena.
Uthe nakuba kunjalo izikole zizovulwa ngesonto elizayo. Akuveli ukuthi lezi zinsiza ziduke kuphi, emahhovisi noma endleleni zibheke ezikoleni.
Ethintwa uMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela lo mnyango ukuze acacise ukuthi ziduke kuphi, nini futhi zingakanani lezi zinsiza, uthe okwamanje umnyango ngeke udalule imininingwane eminingi ngoba kusenophenyo oluzocacisa ngalesi sehlo.
“Yilona oluzophendula imibuzo wonke umuntu anayo ngalokhu kuduka kwezinsiza,” kusho uMthethwa.
Izinyunyana zothisha zithi kukhona okushaya amanzi ngokuduka kwezinsiza.
Umengameli weNatu, uMnuz Allen Thompson, uthe kuyamangaza ukuthi umnyango uthi kunyamalele izinsiza ekubeni kade uthi othisha ababuyele ezikoleni ngoba konke sekulungile.
“Lokhu kuveza ukuthi umnyango awuthembekile, zolo lokhu ubuthi konke kumi ngomumo zonke izinsiza zokuvikela sezisezikoleni nezikole sezihlanziwe ngezibulali magciwane, yiziphi izinsiza esekuthiwa zidukile? Sisola sengathi kazikaze zibe khona lezi zinsiza, uma zikhona kungani umnyango ungavezi ukuthi ziduke kuphi emotweni noma egunjini elithile. Icala lona livulwe kuphi.
“Lolu daba kudingeka ukuthi lubhekwe kabanzi ngoba ungqongqoshe uke wethuka othishanhloko ethi bafihla izifonyo ngoba bengafuni ukuvula izikole,” kusho yena.
UNksz Nomarashiya Caluza, unobhala weSadtu KwaZulu-Natal, uthe izinyunyana bezibukeka njengabantu abathanda ukukhuluma uma zithi lo mnyango awukakulungeli ukuthi kuvulwe.
“Umnyango awunalo uhlelo oluqondile lokulungiselela ukuvulwa kwezikole. Phambilini sike sasho ukuthi abanye othishanhloko bathi bathole izinsizakuzivikela ezincane abanye bangazithola kwaba sengathi asifuni ukusebenza.
“Uma unesitokwe uyazi ukuthi singakanani futhi sigcinwa lapho kuvikeleke khona. Ezifundeni bezigadwe ngubani, bekubhala bani uma kunofike wathatha okuthile,” kusho yena.
* Funda umbono wephephandaba ekhasini 8