UMNDENI womphathi wesikhungo esigcina izingane ezihamba amacala, obulewe, ePinetown ufuna kuphenyisiswe ngokubulawa kwakhe njengoba usola ukuthi kusetshenziswe izingane.
UMnuz Meshack Ntshangase (40), waseNkwezela eBulwer, ubulawe emagcekeni esikhungo i-Excelsior Child and Youth Centre, ePinetown ngoMsombuluko.
Kusolwa izingane ezigcinwe kulesi sikhungo, ezineminyaka ephakathi kuka-13 no-17 ngokubulawa kwakhe, njengoba ezine kuthiwa zeqile emuva kwalesi sigameko.
Lezi zingane kuthiwa zithathe isikhwama semali, i-laptop nokhiye wemoto kamufi zasebenzisa uphahla lwesikhungo ukubaleka.
Isidumbu sikaNtshangase kuthiwa sitholwe sisethoyilethi kodwa amachaphazelo egazi akhomba ukuthi uhlaselwe esephaseji. Ugwazwe ngento ecijile. UNtshangase nguyena kuphela obesebenza njengoba abasebenzi besikhungo betelekile.
Izolo ngesikhathi Isolezwe likulesi sikhungo abasebenzi bebeqhinqe ngaphandle kwesango bephethe izingqwembe okubhalwe kuzo izikhalo zabo. Bathe noma sekwenzeke lesi sigameko bazoqhubeka nokuteleka.
Umfowabo kamufi, uMnuz Zithulele Ntshangase, ufike kulesi sikhungo ehamba nendodana kamufi uMxolisi, bezolanda imoto yomfowabo ebisapakwe emagcekeni.
UZithulele utshele Isolezwe ukuthi kusenzima ukukhuluma ngodaba lomfowabo kodwa bafuna kuphenyisiswe ukuze kuvele iqiniso ngokubulawa kwakhe.
“Umfowethu bekungumuntu oqotho. Izingane ezihlala kulesi sikhungo bezimthatha njengoyise okwenza kube nzima ukukholwa ukuthi zihlasele umfowethu, ngaphandle kokuthunywa ngumuntu omdala. Sifuna amaphoyisa aphenyisise,” kusho uNtshangase.
Uthe ngesikhathi ebikelwa ngesehlo utshelwe ukuthi umfowabo unamanxeba amabili okugwazwa kodwa emakhazeni ubone inqwaba yamanxeba entanyeni, esiswini nangasesifubeni.
Umufi unezingane ezimbili, uMxolisi noThembeka. Ubehlala nenkosikazi yakhe emafulethini akulesi sikhungo. Umufi waqala ukusebenza kulesi sikhungo ngo-1994. Kuthiwa ubewukhonzile umsebenzi wakhe njengoba kwesinye isikhathi ubelandwa eselivini ukuba azoxazulula izinkinga kule ndawo. E-Excelsior kuhlala izingane ezibhekene namacala obugebengu kodwa ezingeke zigcinwe ejele ngenxa yeminyaka yazo. Ngemuva kwesigameko, izingane ebezisele zithathiwe zayiswa kwezinye indawo.
Akekho osaboshiwe ngokubulawa kukaNtshangase.
Osebenza nanye ocele ukungadalulwa uthe bathwele kanzima njengoba bengakwazi nokukhushulwa ezikhundleni, abanye beba yitoho isikhathi eside. Umnyango uthe ukuqhinqa kwabasebenzi akukho emthethweni.