UMPHAKATHI waseNtunjambili ngaseKranskop uvuke indlobane wavala umgwaqo odlula edolobheni washisa ingxenye yepulazi Ithuba Agriculture izolo, ukhala ngesimemezelo sokudilizwa kwabasebenzi abangamalungu omphakathi kuleli pulazi elathengelwa umphakathi nguhulumeni eminyakeni engu-14 edlule.
Elinye ilungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa elikhulume neSolezwe, likhale ngokuthathwa kwezinqumo ngaphandle kokulandela imigomo yezabasebenzi nokubukela phansi umphakathi okuthiwa kwenziwa ngumphathi wepulazi uMnuz Thembinkosi Maharaj.
“Waqokwa ukuthi engamele ipulazi kodwa selokhu aqokwa asikaze simbone, uhlala eMgungundlovu unikeza imiyalelo ngocingo. Sesizame izikhathi eziningi ukumbizela emhlanganweni ukuze achaze ngezinqumo zakhe kodwa kunalokho ugcine engasabambi nocingo,” kusho ilungu.
UMaharaj uthe isinqumo sathathwa yisigungu sabangu-11 esaqokwa esimele umphakathi, sokuthi imihlangano akumele ibe seKranskop kodwa kumele ibe seMgungundlovu ngenxa yokwesaba kwabo kulandela ukubulawa kukaMnuz Gideon Dlamini nyakenye owayephethe ipulazi owabulawa engena kwakhe. UMaharaj wabe esenikwa isikhundla sakhe.
Balinganiselwa ku-140 abangamalungu omphakathi okuthiwa bathole umbiko obubatshela ukuthi bayagcina emsebenzini ekupheleni kwenyanga kwathiwa isizathu kungenxa yokuthi ipulazi alisenayo imali ngenxa yeCovid-19.
Uvumile ukuthi kukhona abasebenzi abangu-140 abazodilizwa kodwa wathi ngabasophikweni lwezamahlathi ngenxa yokungahambi kahle komkhiqizo okubangelwa wukuma kwezinto eziningi emhlabeni kuhlasela iCovid-19.
Kuvele ukuthi ngaphandle kokudilizwa kwabasebenzi, uMaharaj uphinde aqashe izinkampani zabantu abavela kwezinye izindawo ukuthi zenze umsebenzi ekubeni bekhona abantu endaweni abakwazi ukwenza umsebenzi ofanayo kodwa ukuphikile lokho wathi azikho izinkampani ezisebenzayo.
Kuphinde kwavela ukuthi imali esitholwa ngamalungu omphakathi angaphezu kuka-400 ayekhona kufakwa isicelo sokuthengwa kwalo seyehlile futhi amalungu omphakathi akuxhunyanwa nawo ukuze aziswe ngenzuzo eyenziwa ipulazi unyaka nonyaka.
“Basinikeza imali abayithandayo futhi akukho lapho exhumana nesigungu sobuholi bendabuko kule ndawo aMaNgcolosi Trust okuyiso esengamele ukuphathwa kwepulazi,” kusho ilungu lomphakathi.
UMaharaj uthe umhlangano wonyaka bekumele ngabe usube khona obuzonikeza umbiko kodwa uphazinyiswe yiCovid-19.
Uthe imali enikezwa abahlomulayo enzuzweni yepulazi ngonyaka, iyashintshashintsha kuncike enzuzweni eyenziwe.
Uveze ukuthi uzobathathela izinyathelo zomthetho abasebenzi abathintekayo ekushisweni kwepulazi. Uthe abanikazi bamapulazi akhelene naleli bebefisa ukulekelela ekubhuleni umlilo kodwa bathola umbiko obuvela kwenye yezimenenja zakhe ayethembile obuthi bangazihluphi ngokulekelela.