BAPHITHENE amakhanda futhi bashaqekile abazali babafundi baseGobindlovu High, KwaMafunze eMgungundlovu, abaxoshwe esikoleni kwathiwa abangabuyi ngonyaka ozayo ngoba sebefeyile kabili ibanga elilodwa.
Laba bazali bathi abazi ukuthi izingane zabo bazoziyisaphi ngoba asikho isikole esisamukela abafundi ngalesi sikhathi, ekubeni sebenikwe nezincwadi ezithi bayasuswa ohlwini lwabafunda kulesi sikole.
Omunye wabazali ocele ukungavezwa, utshele Isolezwe ukuthi akazi ukuthi uzoyiyisaphi ingane yakhe ebiyenza uGrade 10, esifeyile kabili leli banga.
Uthe ekuqaleni konyaka abaphathi besikole bababiza babatshela ukuthi uma izingane zabo ziphinda zifeyila, kuzomele baziyise kwezinye izikole ngoba ngeke besazamukela.
Uveze ukuthi batshelwa ukuthi nalezo ezihluphayo ngeke zikhuze ibuya kulesi sikole.
“Sazitshela ukuthi bayazisabisa izingane ngale nkulumo ukuze ziphaphame, zibhukule. Ngesonto eledlule sibizelwe esikoleni kwathiwa asizolanda amaripoti, siphinde sisayine ukuthi siwathathile ngoba bebengawaniki izingane.
Sishaqekile sekukhishwa nezincwadi eziqinisekisa ukuthi izingane zethu azingabe zisabuya ngoba zifeyilile.”
Uthe othisha bayazihlangula kulesi senzo njengoba nesigungu esilawula isikole singayazi eyalo mthetho, wokuthi akuxoshwe abafeyilile.
Omunye wabazali ingane yakhe ebiyenza uGrade 11, uthe akazi ukuthi ingane izothathwa kusiphi isikole njengoba izikole eziningi zingabamukeli abafundi abazokwenza uGrade 10 kuya kwa-matric, ngoba basuke sebekhethe izifundo abazozenza baze baqede.
Uthe uye emahhovisi abahloli abashayele uthishanhloko, bembuza ngalesi senzo, njengoba bethe abayazi le nto ayenzayo ukuthi uyisuselaphi.
“Kwabona abahloli bakhuze umhlola, bathi abazi ukuthi ukuthathaphi lokhu akwenzayo ngoba abafundi abafeyilile kabaxoshwa, kunalokho bayadudulwa.
Asinazo ezinye izikole esizobayisa kuzona, ikakhulu njengoba owami esezoqeda. Imfundo yilungelo lengane, akumele licindezelwe,” kusho umzali obeveva yintukuthelo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe bazothumela abahloli abazoyoxazulula lesi simo.
Umgomo woMnyango wezeMfundo uyakuvumela ukuthi umfundi adudulwe uma esefeyile kabili ibanga.
Minyaka yonke abafundi bayadudulwa, baze bafinyelele ngisho kwa-matric, lapho bebhala khona zonke izifundo zabo.
Kulo nyaka sinyukile isibalo sabafundi abadudulelwe ku-matric njengoba bengu-55 221. Lesi sifundazwe yisona esinabafundi abaningi abaduduliwe njengoba bengu-13 500.