SIMPHIWE NGUBANE
U HULUMENI usengcupheni yokuvukelwa ngabasebenzi basemapulazini uma kuwukuthi akalusukumeli udaba lokuhlukunyezwa kwabo ngumqashi oqhubeka nokucindezela amalungelo abo.
Lokhu kushiwo nguNobhala womfelandawonye wezinyunyana i-Cosatu KwaZulu-Natal, uMnuz Zet Luzipo, ngemuva kwesigameko sengozi kagandaganda ophelelwe ngamabhuleki wabulala abasebenzi ababili kwalimala inqwaba.
Abasebenzi abasinde kule ngozi basola abaqashi babo ngokubagibelisa ngenkani isigadla ebesidonswa ugandaganda onenkinga yokunqanyukelwa amabhuleki. Baphinde batshela leli phephandaba ukuthi baholelwa amakinati njengoba iningi labo lihola u-R57 ngosuku.
Uthe bathwele kanzima abasebenzi basemapulazini nabasebenza ezingadini eNingizimu Afrika okubonakala uhulumeni ezithela ngabandayo ukusombulula izikhalo zabo.
“Izikhalo zabasebenzi basemapulazini nabasebenzi basengadini ezokuthi basathola ukuhlukunyezwa, hhayi nje kuphela njengabasebenzi kepha kucindezelwa ngisho ilungelo lakhe lobuntu. Lokhu akwamukelekile. Kumele kuqhanyukwe nekhambi lale nkinga ngoba kuzogcina sekwenzeka into efuze ebiyenzeka eWestern Cape,” kusho uLuzipo.
Abasebenzi basepulazini elitshala amagilebhisi, eDe Doorns eWestern Cape, bangenele isiteleka esinodlame bavala thaqa umgwaqo ngamathayi avuthayo, bantshontsha ezitolo, bashaya amaphoyisa ngamatshe.
Lesi siteleka sesidonse amasonto amabili kunganyakazi emgwaqweni onguthelawayeka u-N1 kuleya ndawo njengoba abasebenzi befuna ukukhushulelwa amaholo bahole u-R150 ngosuku. Khona izolo kuqubuke udlame amaphoyisa edubula abasebenzi abebebhikisha.
UNgqongqoshe wezabaSebenzi, uNkk Mildred Oliphant, esitatimendeni uthe ufuna ukuguqula eminye yemithetho elawula ukusebenza emapulazini. Njengamanje umqashi ugunyazwe ukuthi aholele umsebenzi imali engu-R70 kuya phezulu ngosuku. Lokhu kungase kubuyekezwe ngemuva komhlangano ungqongqoshe azoba nawo nazo zonke izinhlaka ezithintekayo.
“Ngemuva kokuhlola esikwenzile emapulazini sithole ukuthi abanye abaqashi baholela abasebenzi babo imali eyevile kunebhalwe phansi lokhu sikushayela ihlombe,” usho kanje.