ABASEBENZI abaqoqa udoti bangenele isiteleka esingekho emthethweni bavala thaqa umgwaqo onguthelawayeka uN2 noM4 ngamaloli eNingizimu yeTheku izolo ekuseni.
Abasebenzi bakaMasipala weTheku, ophikweni iDurban Solid Waste eSpringfield, baze basuswa amaphoyisa abaqhube ebabuyisela edepho yabo.
ESpringfield abasebenzi bebeqhinqe ngaphandle kwamasango edepho abanye behla benyuka emgwaqweni.
Bakhala ngomphathi okuthiwa ubaphethe ngesandla sensimbi, wenza noma yikanjani, athathe izinqumo ngaphandle kokubonisana nenyunyana ebamele.
Isolezwe lihabule ukuthi kubangwa amahora okusebenza. Kuthiwa abasebenzi behliselwe amahora okusebenza esuka kwayisishiyagalombili aba mahlanu. Lokhu kuvuse ulaka kubasebenzi asebekhala ngokuthi kwehla amaholo ngenxa yesikhathi esincane abasisebenzayo.
UNobhala weSouth African Municipal Workers Union (Samwu), uMnuz Xolani Dube, uthe abasebenzi babeke phansi amathuluzi benezikhalo ngendlela umqashi abaphethe ngayo.
“Bakhala ngokuthi uthatha izinqumo ngaphandle kokubonisana nabo. Bateleke ekuseni kodwa bagcine bebuyelile emsebenzini,” kusho uDube.
Bekulindeleke ukuthi kube nomhlangano phakathi kweSamwu nomqashi izolo. Ngalo mhlangano inyunyana ithi yilapho okuzocaca kahle khona ukuthi yini lena eyenziwa umqashi abasebenzi abangeneme ngayo.
NgoMsombuluko laba basebenzi kuthiwa bebesebenza sakuhudula izinyawo ngenkathi beqoqa udoti njengoba izolo ekuseni bevele bama nse.
Okhulumela umasipala, uMnuz Msawakhe Mayisela, uxolisile emphakahini waseThekwini ngalesi siteleka. Uthe benza konke okusemandleni ukwenza isimo sibuyele kwesejwayelekile.
“Sizoba nomhlangano ophuthumayo nezinyunyana ukuthola ukuthi yikuphi abakhala ngakho. Sicela izakhamuzi ukuthi udoti ziwugcine emakhaya,” kusho uMayisela.
Izolo emini, uMayisela ukhiphe isitatimende ethi sekubuyele esimeni esijwayelekile ukusebenza. Unxenxe izakhamizi ukuthi zikhiphe udoti ngezinsuku olandwa ngazo. Ubonge ukubambisana koMkhandlu nezakhamuzi ngalesi sikhathi.
Okhulumela amaphoyisa kaMasipala weTheku, uSupeintendant Boysie Zungu, uthe babasusile abasebenzi namaloli emgwaqweni ngoba bebengeke bavumele ukuthi kuvalwe umgwaqo wezwe. Uthe babasuse baze bayobafaka edepho yabo eSpringfield.