AWENEME ngesinqumo senkantolo sokunikeza umsolwa ibheyili umndeni wowesifazane okuthiwa ushaywe yisoka walala amasonto amathathu esibhedlela wagcina eshonile.
Umndeni kaNksz Thandeka Thwala (23) waKwaNdengezi, ukhala ezimathonsi ngokuthi umsolwa oyisoka uMnuz Linda Ndlovu (29), anikezwe ibheyili ekubeni indodakazi yawo ishone ngenxa yakhe.
Unina kamufi, uNksz Zodwa Thwala, uthe indodakazi yakhe ibimtshela ngokuhlukunyezwa kodwa ithi inqena ukugqigqa enkantolo.
Uthe banengane enonyaka nomsolwa, ayehambe nayo ngosuku lwesigameko.
UNksz Thwala uthe wayebuya emsebenzini ngoNovemba 15 ngesikhathi umufi embikela ukuthi usayovakashela isoka. Ngalolo suku, wathola ucingo lukamsolwa emtshela ukuthi baxabene balwa nomufi.
“Wangitshela ukuthi ulimale kancane esiphongweni, washo nokuthi umshiye esibhedlela eMariannhill. Ngamangala ngifika esibhedlela uThandeka engakwazi ngisho ukuhlala kwi-wheel chair. Ubenenxeba ekhanda, evuza negazi.”
Uthe watshelwa ngonogada ukuthi umsolwa ulaxaze umufi wanqaba nokubhalisa ikhadi. Kuthiwa umsolwa wamletha ngemoto yakhe umufi, wayishiya esibhedlela nokhiye phakathi.
Umufi ubelokhu esegunjini labagula kakhulu esibhedlela, engakwazi nokukhuluma. UNksz Thwala uthe emuva kwesonto kwenzeke isigameko, umsolwa wamshayela ucingo emtshela ukuthi uyazisola. Ubuye wabikelwa umseshi ukuthi umsolwa usezinikele emaphoyiseni.
NgoMsombuluko bekungokwesithathu umndeni kamufi uya eNkantolo yeMantshi ePinetown. Awukholwanga uma umsolwa enikezwa ibheyili kaR3 000 phezu kokuba sekumenele umufi.
“Kuningi esengibona kungahambi kahle ngoba umseshi akayanga esibhedlela ukuyozibonela umonakalo kuThandeka.”
Uthe ngesikhathi umsolwa emshayela ucingo, wamtshela ukuthi baxatshaniswe ukuthi umufi usathintana noyise wengane omdala kodwa emaphoyiseni washo okunye.
Unina omncane kamufi, uNkk Zandile Mthombeni, uthe ingane kamufi bayilanda ngakusasa kubo kamsolwa sebephuma esibhedlela.
Uthe yaficwa ilele nonina kamsolwa kodwa izingubo zayo zinegazi.
Uveze ukuthi esibhedlela umufi kuthiwe ubephuke izimbambo, igazi laconsela nasebuchosheni.
UNkk Mthombeni uthe bamangale uma kudedelwa umsolwa ngoba akudingeki bufakazi njengoba ezinikele emaphoyiseni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe umsolwa ubhekene necala lokubulala. Uthe icala lihlehliselwe uJanuwari 31, 2020.