KUDALA bekujwayelekile ukuthi obaba bashiye emakhaya beyofuna imisebenzi emadolobheni amakhulu, okubalwa iGoli neTheku, bebengaxhumani kalula nemindeni yabo ikakhulukazi omama abashade nabo.
Kodwa esikhathini samanje sekulula ukuxhumana nesithandwa sakho ngenxa yezinkundla zokuxhumana, okubalwa kuzo uWhatsApp, Facebook, Twitter, Facetime, Instagram nezinye.
Esikhathi sakudala ngaphambi kokufika kobuchwepheshe besimanje lokhu bekungeyona inkinga komama ukuxhumana ngemuva kwesikhathi eside ngoba bebezihlalela babheke amakhaya nezingane bengakhathazeki ngoba bebebathemba abayeni babo. Indlela yokuxhumana kubazali bekuba ukubhalelana izincwadi. Kwesinye isikhathi uma kunomuzi onocingo lwasendlini, omama babeya kulowo muzi bayolinda ucingo njengoba ubaba wayesho ukuthi uzomthinta ngasiphi isikhathi. Lokhu kwayakha imizi eminingi njengoba indlela yokuxhumana phakathi kwabantu abathandanayo yayinzima, okwakwenza ukuthi bahlale bekhumbulana.
Esikhathi samanje uma usebenzisa izinkundla zokuxhumana, ungaxhumana nesithandwa sakho umzuzu nomzuzu. Inselelo enkulu ukuthi ngazo lezi zinkundla zokuxhumana zibuye zibambe elikhulu iqhaza ekubhidlizeni ubudlelwano bezothando ngisho imishado imbala.
Umbuzo kwabaningi uthi, yini edala ukuthi izinkundla zokuxhumana zibe nomthelela ekupheleni kobudlelwane?
Abaningi bathi ayikho into ecasula njengokuthi uhleli nesithandwa sakho usibone sesilokhu sihleka ubala siphethe iselula.
Isolezwe likhulume namalungu omphakathi ngalolu daba, uNksz Sindi Jaca waseMillpark, eGoli uthe, ukube kuya ngaye ngabe izinkundla zokuxhumana into engazange ibe khona.
“Ayikho into ebuhlungu njengokuzimisela uthi uzobona umuntu wakho, usuzitshele ukuthi uzochitha naye isikhathi sakho naye kodwa angakunaki, avele agxile ocingweni lwakhe.” UMnuz Linda Zondo waseBergville uthe bavumelana nesithandwa sakhe ukuthi uma bendawonye bangawathinti amaselula futhi bangangeni ezinkundleni zokuxhumana.
“Sifuna ukuhlala sithembana, sabona kungcono ukuthi uma sifuna ukuchitha isikhathi esiningi sobabili, kungcono singazibheki izinkundla zokuxhumana.”
UMnuz Sboniso Qwabe waseMelmoth uveze ukuthi unina wengane yakhe usanda kumtshela ukuthi akayeke ukusebenzisa uWhatsApp ngoba ulala ezintatha engamazi ukuthi ukhuluma nobani. “Lezi zinkundla ziletha ukukhuluma ebudlelwaneni ziyalubhidliza uthando. Kudingeke ngiwuyeke uWhatsApp ukuze ubudlelwano bethu buqine.”
UNksz Ziyanda Xulu waseMount Moria, eThekwini uthe ayikho into emcika njengokubona abesifazane bekhombisa ukuconsela amathe isoka lakhe uma lifake izithombe zalo ezinkundleni zokuxhumana.
Ucwaningo olwenziwe yiClayton, Nagurney, & Smith luveze ukuthi baningi abaphazanyiswe izinkundla zokuxhumana ebudlelwaneni. Bangu-144 kwabangu-205 okwenziwe ucwaningo ngabo, abathe sebexabane kaningi nabathandana nabo ngenxa kaFacebook.