BAPHUME enkantolo bedemalayisa benengwa wukuhlehla kwecala lephoyisa elisolwa ngokudubula libulale ababili ebelithandana nabo KwaNyuswa, eThekwini, ngo-Okthoba.
Amalungu emindeni nomphakathi bebemagange ukulalela isicelo sebheyili ebesizofakwa wuConstable Mlungisi Blessing Sikhakhane (27) eNkantolo yeMantshi yasePinetown izolo.
Kodwa uSikhakhane ushaye ungqimphothwe wafaka isicelo esiphuthumayo sokuthi kushintshwe imantshi eyengamele icala, uWayndalynn Robinson.
Ubalule ukuthi omunye wabazali babagilwa usebenza kuyona le nkantolo okungenza ukuthi imantshi igcina isithatha uhlangothi oluthile.
Nebala uRobinson uhoxile ecaleni ekhombisa indumalo wabe eselihlehlisela uLwesine ukuze kutholwe enye imantshi.
“Ngilapha enkantolo ngenza umsebenzi wami wezinto eziqondene nomthetho futhi angikaze ngixhumane nalowo msebenzi omshoyo. Angiboni kuzoba nokwenzelela kodwa ngizoshenxa,” imantshi itshela uSikhakhane.
UMshushisi uNomcebo Xulu akasiphikisanga isicelo esifakwe wuSikhakhane ngomlomo wommeli wakhe, uMnuz Minoj Harripersad.
USikhakhane ubekhuluma ngoMnuz Oscar Msomi onguyise kamufi, uNksz Enhle Majozi.
Leli phoyisa lisolwa ngokudubula libulale u-Enhle noSthembile Ngobese lapho elalihlala khona.
Abagilwa kwatholwa ukuthi bashonele endaweni yesehlakalo benamanxeba okudutshulwa ekhanda nasemzimbeni. Kwatholakala amagobolondo ezinhlamvu ezisebenzile angu-11.
Ngaphandle kwenkantolo uMsomi usole uSikhakhane ngokubambezela icala wathi kuyacaca uphethwe kahle ezitokisini avalelwe kuzona.
UMsomi uthe kubamangazile okwenziwe wuSikhakhane enkantolo ngoba bebelindele kulalelwe isicelo sebheyili.
“Ekuqaleni icala lahlehliswa wukuthi ummeli kaSikhakhane wayefuna ukuxoxa nofakazi elungiselela isicelo sebheyili. Kodwa enkantolo bebengekho labo fakazi, wayesefaka isicelo sokuthi kuhoxe imantshi. Lokhu sikubona kuyimizamo yokubambezela icala,” kusho uMsomi.
Uthe indlela okwenzeka ngayo izinto ubona uSikhakhane enamalungelo amaningi ukwedlula umuntu ongenacala nokuyinto edweba isithombe esimbi.
Ngaphandle kwenkantolo amalungu omphakathi abebhikisha ephethe izingqwembe ebezinemibhalo ekhombisa ukuthi balwa nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.
Babhikisha ngoba bethi bafakela inkantolo ingcindezi yokuthi incishe uSikhakhane ibheyili.