UHLALELE ovalweni lokuthi ungase uphonseke emfuleni uMqeku umphakathi waseMalangeni, eNdwedwe owela ebhulohweni lezingodo owazakhela lona.
Ekupheleni konyaka odlule kuthiwa umphakathi wahlanganisa imali wathenga izipikili nezigxobo wakha ibhuloho iMnyameni okuwela kulona nabafundi.
Kuthiwa wakha ibhuluho ngoba bekuhlehla imingcwabo abafundi bangayi esikoleni uma umfula udla izindwani.
Ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa lithe baningi abantu abamuke nomfula.
Lithe kusukela kukhokho walo kwehlela esizukulwaneni salo bawela umfula oyingozi ngezinyawo, alikaze libe khona ibhuloho abalicela emkhandlwini.
“Konakele. Sekuqala isikhathi semvula manje, sinovalo lokuthi lizohlephuka ibhuloho abantu abadala nezingane bahambe nomfula. Umasipala uzithela ngabandayo uma kumele usakhele ibhuloho. Sifuna usizo ngoba baningi asebehambe nalo mfula ophakela idamu iNanda Dam,” kusho ilungu lomphakathi.
Kuthiwa mabili amabhuloho akhiwe wumphakathi ngezingodo kule ndawo eku-ward 16 kuMasipala iNdwedwe. Aqhelelene ngebanga eliyikhilomitha njengoba elinye liwelela emphakathini waseNdaka.
IMeya yaseNdwedwe uMnuz Nkosinathi Chili izakwalise ukuphatheka kabi ngenkinga yebhuloho ebhekene nabantu baseMalangeni wathi uyayazi useke waya wayozibonela. UChili uthe maningi amabhuloho adinga ukwakhiwa manje basafongqe isigqoko becela uMnyango wezokuThutha esifundazweni ubalekelele.
“Kukhona ezinhlelweni zokuthuthukiswa kwe-ward ukwakhiwa kwebhuloho. Siwumasipala omncane ophila ngenkongozelo. Ngeke uthathe okuncane esabelwe khona wakhe ngakho konke amabhuloho,” kusho uChili.
Lo mkhandlu usanda kwethula isabelo-mali sikaR278 million, uChili athe kuzophothulwa ukufakelwa kukagesi abantu bese kusheshiswa ukwakhiwa kwemigwaqo namabhuloho.
“Cishe mane amabhuloho adinga ukwakhiwa ngokushesha okuyinto esiphezu kwayo. Abantu kasibalahlile kepha sidinga ukulekelelwa nguhulumeni ongenhla,” kusho uChili.