ANGASE azithole elandelwa wuphiko lwezinhloli zaseUSA, iFederal Bureau of Investigation (FBI), uMengameli Cyril Ramaphosa.
Lokhu kulandela ukuthi iDA ibhalele iFBI, iyicela ukuthi iphenye isigameko sokuphanga epulazini likaRamaphosa lapho kubikwa ukuthi kwalahleka izigidi zamadola ase-USA.
I-DA ifuna iFBI iphenye ukuthi le mali yayikade ingene ngokusemthethweni yini kuleli.
Lokhu kuvezwe ngumholi weDA, uMnuz John Steenhuisen, oveze ukuthi sebenazo izinyathelo eziyisishiyagalolonye abazozithathela uRamaphosa.
Le nhlangano ifuna ukuthi uRamaphosa aphenywe kulandela ukuthi owayengumphathi wezinhloli, uMnuz Arthur Fraser, emvulele icala emsola ngokufihlela amaphoyisa lesi sigameko sango-2020.
Ngokwesitatimende esakhishwa wuFraser, abaphangi bashaya bachitha no-4 million wamadola aseUSA.
Isitatimende sikaFraser siqhuba ngokuthi abaphangi bazingelwa baze batholwa, bashaywa, baphinde bafumbathiswa ukuze bangathi vu.Izolo USteenhuisen uthe isinyathelo sokuqala abasithathile ngesokubhalela iFBI.
“Sifuna iFBI iphenye izinsolo zokushushumbiswa kwemali ezibhekene nomengameli. Sifuna ukuthi iFBI iphenye ukuthi ngabe le mali yayisukaphi nokuthi yangena ngendlela esemthethweni yini kuleli.
“Kushayisa amakhala ukuthi kunezilwane ezadayiswa ngo-$4 million owukheshi. Okusolisa kakhulu wukuthi le mali ibifihlwe empahleni yasendlini. Sifuna ukwazi ukuthi ngobani ababethenga ngale mali.”
Ezinye izinyathelo ezithathwe yiDA kubalwa ukubhalela inhlangano elwa nokushushumbiswa kwemali, iFinancial Intelligence Centre.
USteenhuisen uthe bafuna ukwazi ukuthi ngubani owakhokhela izindleko zokuzingela abaphangi.
Kuthiwa abaphangi badabuka eNambia, kubikwa ukuthi omunye wabo wabanjwa eseqe umngcele.
“Sifuna ukwazi ukuthi kungani kungekho icala elavulwa. Sifuna ukwazi ukuthi amaphoyisa agada uRamaphosa ayeyokwenzani eNambia? Ngubani owakhokhela izindleko zawo ngesikhathi eyoqhuba uphenyo oluyimfihlo eNamibia?”
USteenhuisen uthe ezinye izinyathelo abazithathile ngukubhalela iPhalamende noMvikeli woMphakathi.
“Lapha kusobala ukuthi uRamaphosa wephula isifungo sakhe sehhovisi. Yingakho sifuna ukuthi lezi zinhlaka zimphenye.”
USteenhuisen uthe ngeke baphumule uRamaphosa engakashenxi esikhundleni.“Selokhu kwenzeke lesi sigameko, uRamaphosa ubalekela imibuzo. Ucasha ngokuthi ngeke aphendule ngoba kunophenyo oluqhubekayo. Kuningi osekuvelile kusukela kwabikwa okokuqala ngalolu daba.
“Noma angathula uRamaphosa, thina ngeke sithule. Sizomlandela njengoba salandela (owayengumengameli, uJacob) uZuma. Ngeke sibukele umengameli ephula umthetho.”