UFUNA ubulungiswa umndeni womfana (16) waseMpumalanga, eHammarsdale, ogxotshwe ngabanye abafundi waze washona ebuya esikoleni ngoLwesihlanu.
UNkk Alberta MaHadebe Shezi (84), onguninakhulu ka-Asanda Mkhize obefunda uGrade 8, eNgede Senior Primary, uthe uphatheke kabi ukuthi ababulale umzukulu wakhe bacanasa ngaphandle ebe yena esemanzini.
“Angikaze ngisibone isihluku esinjena selokhu ngazalwa. Umntanomtanami u-Asanda ugxotshwe ngabafana akade efunda nabo waze washona. Uma sizwa kuthiwa bekubangwa intombazane yasesikoleni sakhe ebithanda yena nomunye umfana. Lo omunye umfana uye watshela abangani bakhe base behlasela * -Asanda bamshaya kwathi noma esewile bamgxoba waze washona. Ngicela amaphoyisa enze umsebenzi wawo ngoba akulungile ukuthi laba bafana abadale umonakalo omngaka bacanase,” kusho uNkk Shezi.
Uthe namanje akakholwa ukuthi umzukulu wakhe owahamba ekuseni emvalelise kamnandi akasekho.
UNksz Nontando Shezi ongunina ka-Asanda uthe bayile emaphoyiseni abatshela ukuthi umphenyi wecala uzokwazi ukukhuluma nabo ngoMsombuluko (namhlanje) ngoba livuliwe icala lokubulala.
Uthe * -Asanda ubulawe phambi komfowabo omncane ofunda uGrade 7 eNgede Primary.
Ubabekazi ka-Asanda, uNksz Sindisiwe Mkhize, uthe bafuna ababulele umshana wakhe bajeze ngoba ukudedelwa kwabo kusho ukuthi basazobulala ezinye izingane.
“Laba bafana bahlala ngasekhaya eSeven, asiphathekile kahle ukubabona bengaphandle. Kuthiwa bahlanu ababoshiwe baphinde badedelwa kodwa umphakathi uthi wabona * -Asanda egxotshwa yiqulu labafana. Angazi ukuthi abantu abadala babengalamuli ngani bebona izingane zilwa. Sizwa kuthiwa bebethi abayekwe bazwane amandla, ingane yaze yashona,” kusho uNksz Mkhize.
UMnuz Tovey Gcabashe onguNobhala we-ANCYL ku-ward 91 ukugxekile ukubulawa kuka-Asanda wathi bengabantu abasha abaneme neze ngalesi sigameko ngoba kubulewe umholi wakusasa.
“Kusasa (namhlanje) sizoya esikoleni siyokhuza lo mshophi, sikhuze abafundi ukuthi bagxile ezifundweni zabo bayeke ukulwa. Siyacela nomphakathi ungabuki uma izingane zilwa kodwa ukhuze namaphoyisa sicela ajezise ababulali,” kusho uGcabashe.
UColonel Thembeka Mbele, wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe amaphoyisa aseHammarsdale aphenya icala lokubulala emuva kokuthi umfana (16) eshaywe ngabanye waze washona.
Uthe kuboshwe abafana abaneminyaka ephakathi kuka-14 no-16 abazovela eNkantolo yeMantshi yaseHammarsdale namhlanje.
UMnuz Muzi Mahlambi okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthe, “Udaba lusetshenzwa ngamaphoyisa. SiwuMnyango wezeMfundo siphatheka kabi ukuthi esikhundleni sokuthi abafundi banake izinto zesikole baya kulokhu esihlale sibanqanda kukho okuwujola nokukhulelwa. Kuze kufike esigabeni sokubulawa komunye. Yize kuphenya amaphoyisa kodwa nathi siwumnyango sizothatha izinyathelo.”