BAKHALA ngokufunwa intshontsho ukuze baqashwe othisha abangaqashiwe KwaZulu-Natal abathi sebekhathele ukuhlala emakhaya.
Labo thisha iningi labo ebelifundiswa yisikhwama iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS) abanye abebezifundisa, bathi bakhishwa nasemakilasini sebefundisa uma kuke kwafika othisha abebefunda ngomfundaze woMnyango wezeMfundo, iFunza Lushaka.
Izolo othisha abangaphezulu kuka-100 bamashele eCity Hall, eThekwini, behambise uhlu lwezikhalo zabo emnyangweni kodwa kwangafika ngisho noyedwa ovela emnyangweni. Uhlu lwezikhalo lugcine lwamukelwa ngumeluleki weMeya yeTheku, uMnuz Mlungisi Ntombela.
Omunye wabebehola imashi, uMnuz Mxolisi Mthalane, uthe iningi inkohlakalo eMnyangweni wezeMfundo njengoba kukhona abazisholo bona ukuthi bayagwaza ukuze bathole umsebenzi.
Uthe othisha abafunda ngeFunza babekwa phambili uma kuqashwa kuthi abafundiswe yiNSFAS noma abazifundisile ingakhulunywa indaba yabo.
“Sekuneminyaka othisha bephothule iziqu zokufundisa kodwa abaqashwa. Abanye baneMaths neSayensi kodwa baduve emakhaya,” kusho uMthalane.
Uthe izikhulu zomnyango zize zibatshele emehlweni ukuthi ngeke zamukele izikhalo zabo ngoba bayisigungu esingaziwa.
“Baningi othisha abangaqashiwe, akukhona kuphela kulesi sifundazwe kodwa nakwezinye. Sifuna ukuqashwa ngokulingana ngoba sisuke sifunde kanzima, akungaqashwa kuphela abantu abafunde ntofontofo ngomfundaze ekubeni nathi sisuke sifuna ukondla imindeni yethu.”
Uthe uma beya ezikoleni othishanhloko babatshela ukuthi umnyango ubaphucile amandla okuqasha njengoba sekuqasha kuphela inhloko yomnyango, uDkt Enock Nzama.
“Asiqali ukuhambisa uhlu lwezikhalo, nanyakenye saluhambisa abomnyango bangafika ukuzolwamukela. Salunika uNtombela wakumasipala,” kusho uMthalane.
Omunye wothisha ongaqashiwe uMnuz Sihle Mkhabela (25) ohlala eHammarsdale, uthe wenze iziqu zokufundisa iMaths nesiNgisi kwi-Senior (Grade 8-10) neFET Phase (Grade 10-Grade 12) kodwa lutho umsebenzi.
Uthe uthole iziqu zakhe nyakenye wathi wayenethemba lokuthi uzowuthola umsebenzi ngoba bebemtshela ukuthi uyinyama ngoba uneMaths.
“Kuze kube yimanje angiwutholi kodwa kuthiwa othisha beMaths bayashoda ikakhulu kwa-matric. Bengifunda ngeNSFAS, kumanje ngenza iziqu zeHonours ngifuna ukwenza neMasters ngoba ngiyakuthanda ukufundisa.”
Uthe kumanje uyasikweleta lesi sikhwama wathi ufuna ukwakhela uninakhulu umuzi uma ethola umsebenzi.
UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela ungqongqoshe wezemfundo uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe selokhu ungqongqoshe akhethwa uyakugcizelela ukuthi kumele kube nokusebenzisana phakathi komnyango nomphakathi.
Uthe bahlale bethola izicelo zokuthi kuqashwe abantu wathi ukube umnyango unayo imali eyenele ngabe baningi abaqashwayo.
“Sizoxhumana nalabo thisha ngoba babalulekile emphakathi ngolwazi abanalo,” kusho uMthethwa.
Ngesikhathi emukela izikhalo uNtombela uthe bazozidlulisela kungqongqoshe.