KUPHAZAMISEKE ukusebenza kweminye yemigwaqo emikhulu kubhikisha abashayeli nonogada bezimoto ezithutha imali izolo.
Abasebenzi bavale imigwaqo emikhulu eGoli, eThekwini naseKapa beshaya ngonyawo lonwabu bezwakalisa izikhalo zabo ngokungavikeleki emsebenzini abawenzayo.
Lokhu kudale ukuthi kube nesiminyaminya emigwaqweni okubalwa kuyo uN1 South ngase-Allandale, eGoli. Umbhikisho ulandela ukubhebhetheka kwezigameko zokubanjwa inkunzi kwezimoto ezithutha mali eGoli, Limpopo naseMpumalanga.
Ngokombiko woMnyango wezokuThutha eGauteng, ezinyangeni eziwu-12 ezedlule kube nezehlo eziwu-100 zokubanjwa inkunzi kwezimoto zemali kulesi sifundazwe. Isikhathi esiningi izigebengu ezisuke zihlomile azibanjwa futhi akukaboshwa muntu kuzo.
UMnyango uveze nokuthi amaphoyisa abuyise imali ebalelwa kuR95 million esala endaweni yobugebengu. Enye yezinkampani zonogada abebetelekile iSBV Services yazise i-eNCA ukuthi iyakweseka okwenziwe abasebenzi bayo ngoba sesiphenduke inhlekelele isimo ababhekene naso.
“Imboni yethu ibhekene nesimo esesiyinhlekelele ngenxa yezigameko zansuku zonke zokuhlaselwa nokwethuswa kwabasebenzi bethu namalungu omphakathi,” kusho isikhulu esiphezulu kwaSBV, uMnuz Mark Barrett.
Ngenyanga edlule uKhomishana wamaPhoyisa, uLt-General Khehla Sitole, uthembise ukutshala inqwaba yamaphoyisa emgwaqweni njengendlela yokuzama ukulwa nokubhebhetheka kobugebengu obenzeka emini kwabha.