NGQESHE BUTHELEZI
IMOTO: Kia Rio Hatch
K UMELE bathulelwe isigqoko kwaKia ngendlela asebeshintshe ngayo izinto ezimotweni zabo kusukela le nkampani yatheleka eNingizimu Afrika.
Ungangizwa kabi kodwa lokhu sengike ngakusho phambilini ukuthi ngiyasincoma isinyathelo abasithatha sokuqasha inkakha yaseGermany ekudwebeni izimoto uPeter Schreyer okunguye oqhamuke nendlela ehlukile ezimotweni zakwaKia.
USchreyer ufike wazibeka kwelinye izinga izimoto zakwaKia wasusa lokhuya kushuba obekukhona ngesikhathi amaKorea esazidwebela.
NgeSonto eledlule ngike ngathola ithuba lokuvivinya iKia Rio hatch esiphethe isitayela osungayiphika ukuthi yiyona lena eyabe inamakhona.
Njengamanje iRio imoto edayisa kakhulu esitebeleni sakwaKia. Ukwenza isiqiniseko sokuthi ihlala njalo ihamba phambili ezimbangini zayo, uSchreyer usethe ukulinyusa futhi izinga kulena ka-2015.
Phela iRio isesigabeni esinzima sezimoto esibizwa ngeB segment .
Zombili izinhlobo zeRio okuyi-hatch ne-sedan bathe ukuzishuna ngaphandle.
Uzoqaphela ukuthi ngaphambili kwi-hatch igrille bathe ukuyicijisa base behlela kabusha obhampa namalambu enkungu. Ukhona umehluko ogqamile manje phakathi kwe-hatch ne-sedan ngoba ihatch isiphuma ne-grille eshuniwe kanjalo nobhampa.
Baqhamuke nesitayela esisha samarimu nombala omusha abawubiza ngo-Urban Blue.
Uma kuyiwa ngasenjinini akukho okushintshile kule Rio, njengoba isaphuma nazo izinjini ezimbili ezisebenzisa uphethroli. Kukhona engu-1.2 litre ekhiqiza amandla afinyelela ku-65kW kanye ne-torque engu 120Nm. Elandelayo injini ingu-1.4 litre enamandla angu-79kW ne-torque efinyelela ku-135Nm.
U-gearbox uhlukene, kukhonaodonsa ngamagiya amahlanu oshintshwayo, kanjalo nodonsa ngamagiya ayisithupha bese kuba khona ozishintshayo odonsa ngamagiya amane.
Intengo yeKia Rio ihambisana ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u100 000km, neservice plan yeminyaka emine noma ephela ngemuva kuka-60 000km.
AMANANI
Rio 1.2 Manual R176 995
Rio 1.4 Manual R119 995
Rio 1.4 Auto R211 995
Rio 1.4 TEC Manual R212 995
Rio 1.4 TEC Auto R224 995