USASHAQEKILE umphakathi waseNtshawini, eStanger, ngokubulawa kwabalisa ababili abaklajwe bashiswa ngamalungu omphakathi abebasola ngokuba yizigebengu ezingena emizini yabantu.
Kuthiwa uMnuz Thulubheke Thokozani Mdlalose (29) noMnuz Bhekinkosi Mfundeni Msomi (35) bebephuma emsebenzini nozakwabo ababili ngoLwesithathu ebusuku ngesikhathi bevinjwa abantu abebebasola ngokuba yingxenye yezigebengu okuthiwa zihlalise abantu lubhojozi ngokubangenela ezindlini zibaphuce impahla kokunye zidlwengule nabesifazane.
Laba bobabili batholakale eMelville izolo ekuseni beshisiwe. Phezu kwabo bekubekwe amathayi, utshani, amapulangwe noplastiki. Kukholakala ukuthi leli qulu libashayile labaklabha lase libahudulela epaki, iHlalanathi nokuyilapho beshiselwe khona.
Ngesikhathi izintatheli zaleli phephandaba zifika epaki bekusashunqa intuthu kodwa izidumbu sezithathiwe. Uma bebuzwa abakhelene nepaki ngokwenzekile bebevele bathi abazi lutho futhi ababonanga lutho. Kuze kwaba ngabantu abebehlala esigcemeni obekuhlala kuso laba ababulewe ababhoboke ngokwenzekile.
UNksz Thandazile Zulu (25) obehlala egcekeni noMdlalose okuthiwa ungowaseMlaza kodwa ubeqashe eNtshawini, uthe bangqongqozelwe abantu abasebenza naye ekuseni ngo-4 bebika ukuthi sebevinjwe umphakathi waseMelville.
UNksz Zulu uthe Mdlalose noMsomi bebesebenza enkontilekeni ebifaka imithangala emgwaqweni. Uthe uzakwabo ubabikele ukuthi bebephantshelwe yisondo lemoto base behamba ngezinyawo benqamula eMelville ngesikhathi bevinjwa yiqulu labantu ebelingalawuleki.
Elinye ilungu lomphakathi, uNksz Sinenhlanhla Xhakaza, lithe namanje basashaqekile ngokubulawa kwalaba njengoba libachaze njengabantu abebesebenza bengahluphi muntu. “Kubuhlungu ukubabona bebulawe ngesihluku esinje. Izandla nezinyawo zabo beziboshiwe, omunye eboshwe ngentambo, omunye ngocingo. Iminwe kaMfundeni beyiklajiwe ilenga, unyawo lukaThokozani nalo lulenga.” Uthe kuleya ndawo usukhona umkhuba wokuthi kubulawe abantu ngoba besolwa ngokwenza izenzo zobugebengu noma bengabanjwanga oqotsheni.
Ikhansela lendawo uMnuz Vincent Shezi, lithe belisanda kuzwa ngalesi sigameko. Lithe umphakathi uhlushwa yizigebengu kanti sekuvamile ukuthi abantu balinyazwe, abanye babulawe ngoba besolwa ngobugebengu.
“Noma sikuqonda ukuthi umphakathi uhleli lubhojozi ngenxa yobugebengu, siyakugxeka ukuthi abantu bazijezisele abantu. Ukubulawa kwabantu baze bashiswe kuwubulwane nobugebengu,” kusho uShezi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aphenya amacala amabili okubulala emuva kokutholakala kwabalisa ababili bebulewe. Uthe kusolakala ukuthi laba balisa bashaywe ngamalungu omphakathi abashisa.