ABAZI bazophuma babhekephi abahlali abebenemijondolo ku-ward 63 eMalvern, eThekwini emuva kokuthi idiliziwe.
Abahlali bakule ndawo baveza ukuthi kuqale ngo-Ephreli 5 nonyaka ukudilizwa kwemijondolo yabo futhi abachazelwa ukuthi kungani idilizwa.
UMnuz Syanda Cebisa ongumhlali waseMalvern ekhuluma neSolezwe, uthe abazi ukuthi kwenzekani, bavele babona sebedilizelwa izindlu.
“Uthi usemsebenzini uvele ubuye indlu yakho isiwisiwe. Akhona amakomiti asemphakathini asisizayo kodwa lokho kugcina sekungenzeki,” kusho uCebisa.
Ulandise wathi bayihambelile iminyango yezezindlu kodwa nakhona babuya belambatha.
“Uma siyobika khona eMnyangweni wezeZindlu noma ukuthola ulwazi ngale nkinga esibhekene nayo, sitshelwa ukuthi indawo esakhe kuyo ayikho emthethweni, singalindela noma yini. Okusididayo ukuthi uma besho kanje, yini bengasiwiseli sonke imijondolo yethu bese besibeka kwenye indawo hhayi ukuthi kukhethwe amabala. Ngineminyaka eyisikhombisa ngafika kule ndawo kodwa uthola ukuthi laba abanemijondolo emisha bona abadilizelwa.”
Uveze ukuthi okubadidayo ukuthi kunepayipi lamanzi elifakwe ezinyangeni ezedlule kule ndawo kodwa manje sebeyadilizelwa.
Uqhube wathi bacela iMeya yeTheku, uMxolisi Kaunda ukuthi alusukumele lolu daba.
“Siyakhala ukuthi nakhu sihleli iminyaka sinamakhaya kodwa sithi siyabuya emisebenzini asisenakhaya. Isicelo sethu esisicela kubaba uKaunda ukuthi asikhulumele noMnyango wezeZindlu ukuthi bayiyeke lento ngoba siya okhethweni manje kodwa kuningi kuyonakala. Asazi sizovota sikuphi njengoba sixoshwa nje. Abaholi bethu abasiphethe abasicabangele kulesi simo esikusona,” eqhuba.
Ikhansela laku-ward 63 uMnuz Chris Van Den Berg, uthe uzwile ngalo lolu daba futhi lokhu abahlali abakwenzayo kuwukuthatha umhlaba ngokungemthetho.
“Inselelo esibhekene nayo ukuthi le mijondolo ihambisana nokuthathwa komhlaba ngokungemthetho nokuyisimo esinzima kakhulu. Umasipala kumele usukume ubhekane nalesi simo,” kusho uVan Den Berg.
Uqhube wathi le ndawo abakhe kuyo ayikufanele ukuthi kwakhiwe kuyo.
“Nezidingo azikwazi ukufika khona ngoba kukhona umgwaqo kanye nojantshi wesitimela. Ngizamile ukukhuluma nomphakathi ngiwuchazela ukuthi indawo owakhe kuyo ngeke kusebenzeke kuyo,” ubeke kanje.