BAKHALA ubumayemaye abatshali bemali ngokuwa “kwebhanoyi” lodumo iBitcoin Wallet obekufakwa kulona izishaqane zemali eMnambithi.
Izinsolo zokuthi liwe bhu leli bhanoyi ziqale ngesonto eledlule kuvalwa amahhovisi aleli bhizinisi okukholakala ukuthi ngelikaMnuz Siphelele ‘Sgumza’ Mbatha ophinde ateketiswe ngelikaNkulunkulu waseMnambithi.
Abakhulume neSolezwe bacela ukungadalulwa bathe bagqemeke udume.
“Ngisadidekile angazi ngizoyithini le ndaba. Imali engiyifakile bengiyitshelekile kumashonisa ngethemba lokuthi uma isibuya ngizombuyisela nami ngisale nokuthile. Akumina ngedwa sibaningi esikhalayo,” kusho umthombo.
Izolo uSgumza ubekhuluma kwiNqubeko FM echazela abatshale imali ngezinkinga leli bhizinisini elibhekene nazo.
“Ngeke ngithi liwile ibhanoyi kodwa ngizothi lihlale phansi ladiliza konke obekuphakathi,” kusho uSgumza.
Ubephawula kanje ngenxa yokuthi abalaleli abebefonela kulo msakazo, abebezethula njengabatshalimali bebezwakalisa ukukhathazeka ngokuwa kwaleli bhanoyi.
USgumza uthe inkinga enkulu yindaba yokusebenzisa uhlelo olusha lwaku-online njengoba bengasenayo indawo yokusebenza bexoshiwe kuKeate Street. Lolu hlelo bekufanele luqale ngoMgqibelo kodwa lwabhuntsha sekukhona abayifakile imali.
“Indaba ya-online inezinkinga. Kwamina angiyazi kahle yingakho simise ukuyisebenzisa futhi sinxusa wonke umuntu obesenesifiso sokufaka imali ake ame. Inkinga enkulu wukuthi kukhona abakhwabanise imininingwane ye-akhawunti yeBitcoin Wallet. Lokhu kwenza ukuthi uma umuntu efaka imali ebhizinisini ivele iqonde ngqo kulaba abasigebengayo,” kuchaza uSgumza.
Yize kunezinkinga kodwa uthe abatshale imali bazoyithola. Uthe bazokwaziswa ngocingo ukuthi bazoyilandaphi imali yabo.
“Ngifisa kucace ukuthi uma kuwe ibhanoyi, okusuke kufakwa kuyena imali usuke esebalekile. Angibalekile, ngikhona futhi abantu bazoyithola imali yabo yize izobe ingasaphindiwe. Umuntu uzothola imali ayifaka kuphela.”
Ngokolwazi olutholwe yiSolezwe emasontweni ambalwa edlule kade lihambele eMnambithi, abantu abayingxenye yaleli bhizisini baveza ukuthi leli bhizinsisi liqale ukusebenza nyakenye. Ngosuku belithatha abantu abangaphezu kwenkulungwane njengoba belisebenza usuku lonke. Abanye abantu abahlomule ebhizinisi likaSgumza bachoma ngezishaqane zemali ezinkundleni zokuxhumana liyibala, libabaza ubukhulu bukaSgumza.
Obekwenza lihehe abantu wukuthi umuntu obefake imali kulona ubeyithola isiphindwe kabili ngemuva kwezinsuku ezingu-15.
Nakuba kusabalale amahlebezi okuthi iBitcoin Wallet ixoshwe emahhovishi ebiwasebenzisa ngabakwaMasipala i-Alfred Duma kodwa okhulumela umasipala uMnuz Siyabonga Maphalala wakuphika lokhu.