NONTUTHUKO NGUBANE
IKHATHAZEKILE imindeni esihlale emakhandleleni izinyanga ilinde ukudedelwa kwemininingwane yolibofuzo lwezidumbu zezihlobo zayo.
UNksz Tholakele Gwala waseDurban North eThekwini, uthi selokhu ahlala emakhandleleni ngoJuni kushone indodana yakhe, uMnuz Sphmandla Gwala, namanje akakaze athole imininingwane.
“Ngikhathazekile kakhulu ngale nto ngoba manje kumele ngabe senqiqalile ngizilela ingane yami kodwa ngisalokhu ngihlezi emakhandleleni. Ngigqingqa emaphoyiseni nasemakhazeni, bathi kusalindwe umbiko wolibofuzo. Kunzima kakhulu futhi kubuhlungu ngoba asikwazi ukumngcwaba. Engikufunayo nje wukuthi bededele ingane yami ngiyingcwabe,” kusho uNksz Gwala.
Elandisa Isolezwe uthe indodana yakhe yasha nendlu ngoJuni 14.
“Washa kakhulu engasabonakali, yize ngazi ukuthi wuyena yedwa owayesendlini nezimpahla eyeziggokile zibonakala, bekumele kwenziwe ulibofuzo. Ngishaqekile ukuthola ukuthi ukuqala ukuhlolwa kolibofuzo lwakhe kuze kwahanjiswa ngoJanuwari nonyaka. Angazi ukuthi sonke lesi sikhathi bekulindweni,” kusho uNksz Gwala.
Nomunye umndeni waseHammarsdale ukhala esifanayo.
UNksz Khosi Chamane, selokhu alinda umphumela wolibofuzo lwendodana yakhe, uMnuz Sbongiseni Chamane, kusukela ngoMashi 2020.
“Silokhu silindile ukuba sifihle, angisazi ukuthi kumele senzenjani. Ngesonto elidlule ngibuyelile esiteshini samaphoyisa, kwathiwa basazolwenza ulibofuze ngoba kukhona obekuvimba ukuba bahlole izidumbu. Sekuphele unyaka silindile. Sikhathazekile kakhulu ngalesi simo,” kusho uChamane.
Umufi waduka, watholwa ngakubo ebulewe, isidumbu sakhe sonakele.
Unina uthe wambona ngezimpahla zakhe, nasekhukhwini kwatholakala amakhadi akhe kodwa ngenxa yokuthi ubuso bebungabonakali bekumele kwenziwe ulibofuzo.
Amaphoyisa kuleli akhiphe isitatimende ukuthi lesi simo ayasilungisa.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, u-rigadier Vish Naidoo uthe:
“Singakuqinisekisa ukuthi ubuholi bamaphoyisa busebenza kanzima futhi sekuyakhanya manje ekuxazululeni udaba lwezinto ezithinta ulibofuzo. Lokhu kulandela imibiko yokuthi kuduke inqwaba yamazibithi kwiNational Forensic DNA Database ngenxa yokuvalwa kohlelo iProperty Control and Exhibit Management (PCEM), evalwe ukusebenza ngoJuni 2020 obeyengamele. Empeleni lawa mazibithi abegciniwe kwiForensic Service Laboractory Administration System kanti abengatholakali ngokwezobuchwepheshe. Sisebenzisana neState Information Technology Agency (Sita) ukusungula uhlelo iForensic Exhibit Management (FEM), ulokwazi ukungena esikhaleni sohlelo oludala. Uhlelo lweFEM luqale ukusebenza ngo-Ephreli 6, 2021. Kumanje kuhlolwa amacala angu-10 million abesohlelweni oludala afakwe kulolu olusha. Kwengezwe amanye angu-25 000.
Ukuhlolwa kolibofuzo kusalele ngemuva kakhulu ngamacala angu-170 000,” kusho Naidoo.