IFUNA izimpendulo ngamathuna ayo ambiwe ingatshelwe lutho imindeni engaphezu kweyishumi eNgwadini eMzinto njengoba kuqhubeka uhlelo lokwakhiwa kwedamu kule ndawo.
Ngokusho kukaNksz Nomathemba Madlala, ongomunye wabantu okumbiwe amathuna akubo, bekuyinyanga edlule ngesikhathi bethola ngalo monakalo.
Uthe awakubo amathuna athintekile ayisishiyagalombili.
“Sathola izingcingo kwabanye abantu bendawo, besazisa ukuthi ambiwe amathuna asekhaya kanjalo nawakweminye imizi eseyaba ngamanxiwa kule ndawo,” kusho uNksz Madlala.
Uthe emva kwesehlakalo, kube khona imihlangano ababe nayo naboMngeni-uThukela Water kodwa zangaphuma izimpendulo zokuthi umonakalo wenzeke kanjani.
Uthe eminyakeni emibili edlule, ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi kuzokwakhiwa idamu, zabizwa zonke izakhamuzi zendawo zatshelwa ngokuthuthukiswa kwendawo ngokuthi kwakhiwe idamu.
Uthe ngaleso sikhathi batshelwa ukuthi abantu abasahlala endaweni bazothuthwa bayokwakhelwa kwenye indawo nokuyinto eyenzeka.
Uqhube wathi kwaphinde wathiwa kuzoqinisekiswa ukuthi amathuna akule ndawo awathintwa.
“Baze bafaka ucingo babiya indawo enamathuna, bethi benzela ukuthi bayibone kahle indawo okungafanele bayithinte. Simangele uma sesithola ukuthi balususile ucingo, baqhubeka nomsebenzi wokumba lapho ababethe ngeke bambe khona,” kusho uNksz Madlala.
Uthe okwenzekile kuyabakhathaza njengoba bengabantu abasazisayo isintu.
Uthe okokuqala, basafuna izimpendulo zokuthi ubani ogunyaze ukuthi kumbiwe amathuna bona bengatshelwe lutho.
“Asazi nokuthi amathambo abathandiweyo bethu bawambe bayowalahlaphi. Lokho kwenza singahlali kahle ngoba asazi ukuthi kuzoba nomthelela ongakanani empilweni yethu,” kusho uNksz Madlala.
Uqhube wathi bayakholelwa ekutheni kufanele benze imisebenzi ethile ukushweleza ngokuthintwa kwamathuna.
“AboMngeni kufanele basinxephezele ngomonakalo odalekile ukuze sizokwazi ukwenza imisebenzi yokushweleza ngokuthikanyezwa kwamathuna,” kusho uNksz Madlala.
Induna yendawo, uMnuz Kwenzakwenkosi Bele, ivumile ukuthi udaba iyalwazi, yathi luyalungiswa ezingeni lobukhosi bendawo.
“Kunemihlangano elokhu ihlala kusukela kwaqala ukubonakala ukuthi kwenzeke umonakalo. Kule mihlangano basuke bekhona nabo aboMngeni. Sinethemba lokuthi isiphetho esifanele sizoba khona, bawulungise umonakalo abawenzile, wokuthinta amangcwaba abantu,” kusho uBele.
Abophiko lwezokuchumana kuMngeni-Uthukela Water bakuqinisekisile ukuthi bayitholile imibuzo ngalolu daba kodwa baveza ukuthi basalinde umbiko ngokwenzeka kule ndawo.
Kuvela lesi sikhalo nje, ngenyanga edlule uhulumeni ubuhlangene nabantu baseMaqadini, eNanda kuyokwenziwa umcimbi wokushweleza emuva kokuthi kwasuswa abantu, kule ndawo ngesikhathi kwakhiwa iNanda Dam, kwasala amathuna abantu okukholakala ukuthi kwakhiwa phezu kwawo idamu.