UKHONONDE ngokungagqizwa qakala komuntu omnyama ohluphekayo, umengameli wenhlangano iBahlali baseMjondolo, uMnuz Sbusiso Zikode, izolo enkonzweni yesikhumbuzo omholi wenhlangano eKhenana, eCato Crest, eThekwini.
UNksz Nokuthula Mabaso, wadutshulwa wabulawa ngeledlule.
Ekhuluma neSolezwe, uZikode uthe akukho okwenzekile mayelana nophenyo lokubulawa kukaNksz Mabaso.
“Amaphoyisa sawagcina mhla ezolanda isidumbu. Yikhona okubuhlungu kakhulu ngoba kwenza sibone ukuthi singabahlali asiyilutho,” kusho uZikode.
Uthe bayawubona umehluko wokuthi uma waziwa uphathwa ngokwehlukile.
“Sibonile indlela abalusingathe ngayo udaba lokubulawa kukaHillary Gardee. Asilwi nomndeni kaGardee kodwa siveza umehluko wokuthi ukube kubulawe ingane yesikhulu ngabe siyabona izikhulu zingena, ziphuma ziletha amazwi enduduzo, zisingatha udaba ngendlela ehlukile,” kusho uZikode.
Uthe abangabazi ukuthi ukuhlaselwa kwabo kuvela eqenjini elibusayo ngoba abanye babahlaseli bake bakubeke ngembaba ukuthi bona bangu-ANC futhi baphethe.
Enza isibonelo, ukhulume ngomndeni owaziwayo, okumanje omunye wawo uhamba icala lokudubula ubulale umholi wombutho ngasekuqaleni kwalo nyaka.
Uthe lokhu bayakukholwa ngoba abakaze bezwa abaholi baleli qembu bezihlangula ezinkulumeni ezifana nalezi.
“Sibuza ukuthi njengoba bebulala abantu abababusayo, bazobusa bani kusasa,” kusho uZikode.
Umndeni kaNksz Mabaso uthe umufi ubulawe yilabo abebengahambisani nomzabalazo wakhe. Uyise wezingane zikamufi, uMnuz Sibusiso Mhlongo, uthe njengoba umufi ebesebenzela umphakathi, ziningi izitha abese ezidalele zona.
Uthe bekuhlale kukhona umuzwa wokuthi impilo yakhe isengcupheni.
"Baningi abebengezwani nomzabalazo wakhe nabanye abaholi abalwela amalungelo abahlali basemjondolo. Yingakho ebulewe ngendlela abulawe ngayo," kusho uMhlongo.
Uthe uzoba mkhulu umthwalo wokuqhubeka abheke izingane zabo njengoba bekukhona nezisafunda isikole.
"Omunye wazo uphila nokukhubazeka. Umsebenzi wokuyinakekela uzwakala ulula sibambisene, njengoba engasekho, isikhala sizoba khona, uthando lukamama, sizoba khona isikhala salo," kusho uMhlongo.
Uthe kunzima ukuthi balimise ngesihloko bathi banethemba ukuthi icala lokubulawa kukaNksz Mabaso lizobuthola ubulungiswa.
"Ngosuku lwesigameko, umufi wahlaselwa ngo-07:50. Amaphoyisa abizwa ngaso leso sikhathi kodwa kwaze kwaphoqa ukuthi ayolandwa ngemva kuka-9. Nakhona lapho ayebuye abhale phansi izinto ezingashayi emhloleni kulokhu esasiwatshela khona," kusho uMhlongo.
Uthe inkinga yokungasebenzi ngendlela kwamaphoyisa nezobulungiswa akubhedi endaweni yaseKhenana kuphela kepha ezweni lonke ngakho nabo abanalo ithemba lokuthi nelabo lizobuthola ubulungiswa.
UNksz Mabaso uzofihlwa ngoMgqibelo, eSidumbini ngasoThongathi.