AKHALA ngokumuhluzwa ngamaphoyisa amalunga estokofela sasehostela KwaMashu athi abanjwe inkunzi kwathathwa uR154 000.
Lawa malunga estokofela athi asesaba nokunika umphenyi wecala lokubanjwa inkunzi kwabo, ibhuku ngoba awazi noma azofike amuhluzwe yini futhi.
UNksz Nompulelo Mtshali osekomitini futhi ongomunye wabasayinayo uma kukhishwa imali, uthe babephuma ebhange sebehla emotweni ehostela ngesikhathi imoto ebebehamba ngayo ivinjwa ngenye ngaphambili.
“Mina ngase ngiphumile emotweni sengeqe nomgwaqo, uzakwethu engakaphumi ngoba isicabha semoto esingakuyena sasingavuleki kahle. Kule moto kwaphuma amadoda ayisithupha aqala ngokuphuthaza imali kimina maqede aya kuye agqashula isikhwama esasinemali, angena emotweni, yahamba,” kusho yena.
Uthe bafonela amaphoyisa bewazisa ngokubanjwa kwabo inkunzi, afika.
“Afika asibuza ukuthi besingaluceli ngani usizo kuwo asiphelezele bese siwakhokhela uR5 000. Sawalandela saya esiteshini sesiyovula icala. Kwaphela eside isikhathi ethi ngeke alivule icala ngoba sibe nobudedengu futhi sithi asibabonanga abantu abasibambe inkunzi. Sathi sesihamba kwaba khona elilodwa elithi asilivule icala,” kusho yena.
UNksz Dumisile Busani okwathathwa kuye imali, uthe ngoMsombuluko ufonelwe umseshi ethi abafike esiteshini bazophoswa imibuzo.
Uqhube wathi bahlukaniswe ngamagumbi ababezophoswa kuwo imibuzo, amaphoyisa abachapha ngenhlamba ebabiza ngezif.....
“Athi asikhiphe imali ngoba ngamadoda ethu lawa athathe le mali. Athi izigebengu azikwazi ukubhula ukuthi istokofela esithile siyehlukanisa nokuthi amalunga aso ahamba ngayiphi imoto. Mina ngashaywa ngempama eyodwa,” kusho yena.
UNksz Mtshali uthe ushaywe ngezimpama eziningi wafakwa naseshubhini kuthiwa akakhulume iqiniso.
“Ngiyaqonda ukuthi kumele sifakwe imibuzo ngalolu daba kodwa angazi ukuthi sishayelwani. Kumanje amalunga estokofela asemanqikanqika ngokuthi nginikeze umseshi ibhuku ngoba asichazeleki kahle,” kusho yena.
Uthe amalunga estokofela angu-23 kodwa umuntu emunye kuyenzeka adlale amasheya angu-10, isheya lilinye uR100 ngenyanga.
Uqhube wathi bake baphakamisa ukuthi kulo nyaka imali ifakwe kuma-akhawunti kodwa kwaba namalunga angahambisani nalokho.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCapt Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala esiteshini samaphoyisa KwaMashu lokubanjwa inkunzi kuhlonyiwe, kwathathwa uR154 000, ngoLwesihlanu.
“Amalunga estokofela uma ethi ashayiwe kuzomele avule icala. Njengamanje awalivulile icala,” kusho yena.