FANELESIBONGE BENGU
A KUCACI ngekusasa likaPallance Dladla odlala indawo kaJabu ku Sibaya njengoba kuthiwa ababhali bomdlalo bahlukene phakathi ngokuthi afe abanye bethi aqhubeke nokubakhona.
UPallance, uke wanyamalala kulo mdlalo, okhonjiswa kuMzansi Magic (DStv channel 161) ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto kodwa wabuye wabuya.
Wajoyina i Rhythm City ku-e.tv kodwa waphinde wabuya.
Umthombo waleli phephandaba ulihlebele ukuthi ababhali bomdlalo bahlukene phakathi ngekusasa likaPallance.
“Into ezokwenzeka wukuthi kuzogasela amaphoyisa endlini okuhlala kuyo uJabu athi azobashaqa no-Iris (Mampho Brescia) njengoba beshushumbisa izidakamizwa futhi besolwa ngokunyamalala kwabantu. UJabu utshela amaphoyisa ukuthi u-Iris akenzanga lutho kungamane kuboshwe yena bese eyaboshwa kanjalo. Uzofika ejele axabane nendoda engazwile ezovele imgwaze imshiye kanjalo,” kusho umthombo.
Uthe uma esegwaziwe uwa phansi okuyilapho impikiswano ikhona phakathi kwababhali.
“Abanye bathi akashone, abanye bathi akube khona ozoqhamuka amhlenge bese indawo yakhe iyaqhubeka,” kusho umthombo.
Okhulumela Isibaya, u-Emmah Ngomane, uthe uPallance akayi ndawo kulo mdlalo.
“Usayingxenye enkulu yomdlalo. Akayi ndawo,” kusho u-Emmah.
Umthombo we Solezwe ubuye wadalula ukuthi kusazoshuba kulo mdlalo njengoba uSibusiso (Sdumo Mtshali) ehlongoza ukuthatha isithembu.
USibusiso ushadelwe nguThandeka (Nomzamo Mbatha) ozinze eGoli njengoba yena ezinze eBhubesini.