INYUNYANA yabasebenzi icele abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bayeke ukuthenga imikhiqizo yakwaClover ngoba le nkampani ayifuni ukunyusela abasebenzi amaholo ngo-16%.
Izolo abasebenzi bakwaClover ezweni lonke baqale isiteleka okungaziwa ukuthi sizophela nini ngoba befuna amaholo nokuthi ozakwabo abayitoho baqashwe ngokugcwele.
UMnuz Charles Phahla, oyiPhini likaNobhala Jikelele weGeneral Industries Workers Union SA (Giwusa), uthe iClover ijezisa abasebenzi ngokuqubuka kweCovid-19 ezweni.
“Ukuqubuka kweCovid-19 kunike iClover ihawu lokuzivikela ngoba abanikazi bale nkampani abafuni ukunyusela abasebenzi amaholo. Bavele bathi abafuni ukuxoxa nathi saze sayofaka udaba lwethu kwiCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA). Bafike lapho bathi bazokwazi ukunyusa amaholo ngo-3%, sawunqaba,” kusho uPhahla.
Uthe ngeke abasebenzi bamukele ukunyuselwa iholo ngamakinati ngoba ngoMsombuluko ebusuku iClover ibuye yabeka etafuleni u-5% nawo iGiwusa ewunqabile.
“Sicela abantu bayeke ukuthenga imikhiqizo yakwaClover kuze kube le nkampani inyusela abasebenzi umholo ngo-16%. Sifuna kuqashwe ngokugcwele nabasebenzi osekuphele iminyaka beyitoho. Asazi kungani bengafuni ukunyusa imali ngoba abasebenzi abakaze bahlale emakhaya ngisho nangesikhathi somvalelandlini bebesebenza. Ngeke sibuyele emsebenzini esikufunayo kungakazwakali,” kusho uPhahla.
UMnuz Johann Vorster oyisikhulu esiphezulu kwaClover Proprietary Limited, uthe isiteleka siqale emva kokuthi izingxoxo phakathi kwabo nabasebenzi zifinyelele kwangqingetshe.
Uthe babeke u-5% wokunyusa amaholo kusukela ngoJulayi 1 kodwa abasebenzi bawuchitha.
“Sinazo izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi isiteleka kasibi nomthelela omkhulu emkhiqizweni wethu. Sinethemba lokuthi sizotholakala isixazululo. UClover kade waqala ukudonsa kanzima ngoba izindleko zinyuka njalo kanti nabathengi abasakhithizi njengakuqala ngenxa yesimo esibi somnotho nokuphela kwemisebenzi. Yize besisebenza nangesikhathi somvalelandlini kodwa isimo besinzima nezindleko zebhizinisi zinkulu. Siyabachazela abasebenzi ngesimo esibhekene naso, sidinga isixazululo esizovuna zonke izinhlaka,” kusho uVorster esitatimendeni.