UFUNA kwenzeke ubulungiswa umndeni wowesilisa okuthiwa udutshulwe yiphoyisa wafa eseboshiwe esevenini eTugela Ferry, ngaseMsinga.
Umndeni kamufi uMnuz Lindelani Muzikayise Mkhize (22) ufuna kuboshwe iphoyisa elibulale indodana yawo, ligwetshwe.
Umndeni wephoyisa kuthiwa ukhokhe uR8 000 uxolisa emndenini kaMkhize.
Kuthiwa ngoLwesihlanu ngo-11 ebusuku, uMkhize waya eTugela Ferry ngemoto namadoda amathathu bedakiwe.
Bafika egaraji likaphethroli uMkhize nomakhelwane wakhe uMnuz Msingatheni Sikhakhane baphuma basabalala beyothenga ugwayi bagcina bedukelane nababehamba nabo.
Kulowo mnyama kwaqhamuka iveni yamaphoyisa bacela abasize ngokuthi ababuyisele kubo eMzweni, eNgulule, eMsinga, ngoba sebedukile.
“Anqaba amaphoyisa ukusilayisha, kanti uLindelani uzowathuka. Ehla athi ukumfaka izimpama, ngamxolisela amyeka. Saqhubeka sithungatha esasihamba nabo sabathola. Amaphoyisa ayesilandela kancane ngeveni,” kusho uSikhakhane.
Uthe waphinde wawabona amaphoyisa uMkhize waphinde wawathuka ewapiklela ethi sebetholene nabekade bedukelene nabo.
“Avele ehla womabili emotweni avulela ngenduku emshaya. Waphuma iqhubu nelilodwa waliluma lopha. Savele salekelela amaphoyisa ambamba samfaka evenini waboshwa ngoba ayesefuna ukumdubula, sakhuza. Kwaqhamuka elinye iphoyisa labuza uzakwabo owayesopha ukuthi ulinyazwe ubani wakhomba evenini. Leli phoyisa lavula isicabha sangemuva evenini ladubula uLindelani kanye ekhanda washona,” kuchaza uSikhakhane.
Manje umfowabo kaMkhize, uMnuz Mdibaniseni Mkhize uthe bafuna kwenzeke ubulungiswa.
Uthe bazongcwaba ngeSonto kanti abakwaziyo nje ukuthi icala liphethwe uphiko oluphenya amacala amaphoyisa i-Ipid, eThekwini.
“Sishaqekile umfowethu ubehola impesheni enesifo sokuwa. Umphefumulo wakhe uthathwe isandla somuntu womthetho obengahlangene nengxabano ebikhona. Sifuna kwenzeke ubulungiswa. Sizozingcwabela yena ngoba amaphoyisa athe akukho angasisiza ngakho,” kusho uMkhize.
Umthombo weSolezwe kwi-Ipid uqinisekisile ukuthi likhona icala eliphenywa yilolu phiko mayelana nalolu daba.
Umthombo uthe aliboshiwe futhi alimisiwe emsebenzini iphoyisa elithintekayo kodwa uphenyo luyaqhubeka.
Okhulumela i-Ipid kuleli uNksz Ndileka Cola uthe ulinde ukuthunyelwa imininingwane evela eThekwini mayelana nalesi sehlo ngaphambi kokuthi aphawule.