BAFUNA ijeziswe kanzima indoda okuthiwa idlwengule owesifazane (51) nomzukulu wakhe oneminyaka eyisikhombisa.
Lokhu kwenzeke eChesterville extension 2 ngeSonto ntambama ngesikhathi indoda (30) eyaziwayo igasela emzini ohlala owesifazane nabazukulu bamantombazane ababili.
Ilungu lomndeni, elingeke lidalulwe igama ukuvikela isithunzi sabadlwenguliwe, lithe indoda eyaziwayo ifike ngeSonto ntambama kukhona owesifazane nabazukulu bakhe.
“Ugogo ukhonza esontweni elikubo kalo mfana lasezayoni. Akazange axwaye ngesikhathi efika ekhaya. Sithole ukuthi uye wangena wase esabisa ugogo ngommese wamfaka ekameleni alala kulo wamdlwengula. Uthe uma eqeda wadlulela enganeni yentombazane eneminyaka eyisikhombisa wayivalela ethoyilethi nayo wayidlwengula. Omunye umzukulu usindiswe wukubaleka. Yena uneminyaka ewu-12,” kuchaza ilungu lomndeni.
Lithe lifuna umthetho uyijezise kanzima indoda ngoba ekwenze emndenini wakhe kuwuphazamisile kakhulu.
“Ngikhuluma nawe nje ugogo nomzukulu balaliswe esibhedlela ngoba balimele. Umzukulu akakwazwanga nokuthi atishwe ngeSonto ngoba udokotela uthe ulimele kakhulu futhi uvuvukele. Ibuhlungu le nto esiyenziwe yilo mfana, sifuna umthetho umjezise kanzima,”
Unina wengane edlwenguliwe uthe indoda eyenze lo mhlola akufanele iphile nabantu ngoba iphuce ingane impilo yayo.
“Kufanele afe nje ngoba uyithathile impilo yengane yami. Ayikwazi nokuhamba, bekufanele siyiphathe ngesikhathi siyihambisa esibhedlela. Udokotela uthe impilo yayo ngeke iphinde ifane,” kusho unina.
Uthe intombazane eneminyaka ewu-12 iye yabalekela kwamngani kanina okuwuyena ofonile wazisa nomakhelwane ukuze bayohlola unina. Bafice impahla isakazeke yonke indawo kubonakala ukuthi unina ubezama ukulwa kodwa isigebengu sagcina simdlwengulile.
Umndeni uthe umsolwa, obesebalekele emaflethini asePhoyinti, eThekwini, utholakale ngosizo lomphakathi ngenxa yokuthi kusatshalaliswe isithombe sakhe ezinkundleni zokuxhumana.
UColonel Thembeka Mbele wamaphoyisa KwaZulu-Natal uthe kuboshwe owesilisa (30) ngamacala amabili okudlwengula. Uzovela enkantolo yeMantshi yaseThekwini namhlanje.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, uncome ukusebenzisana komphakathi namaphoyisa okuholele ekuboshweni kwendoda.
Uthe kumphatha kabi ukuzwa ngokudlwengulwa kwabesifazane nezingane nodlame olubhekiswe kwabesifazane emphakathini.
“Sinezinhlelo ezehlukene zokulwa nesihluku esibhekiswe kwabesifazane nezingane kodwa lezi zigameko zilokhu zenzeka. Sicela umphakathi usebenzisane namaphoyisa ukuze kuboshwe abenza lokhu,” kusho uNkk Khoza.
Ikhansela le ndawo, uMnuz Sfiso Mngadi, lithe umndeni uzokwelulekwa ngokwengqondo ngosonhlakalahle emuva kwesehlo.
“Sidiniwe yilesi senzo, sifuna ajeziswe wumthetho lo muntu odlwengule ugogo nengane,” kusho uMngadi.