USADIDEKILE umndeni wakwaButhelezi eGreytown, ngendodakazi yawo okusolwa ukuthi igencwe yabulawa ngumfowabo ngocelemba ngeSonto ebusuku, ngoba eyisola ngokuthi iyamthakatha.
Umndeni kaNksz Jabu Buthelezi (35) waseMacongco, usashaqekile namanje ngokubulawa ngesihluku kwendodakazi yawo okusolwa ukuthi ibulewe ngumfowabo ngocelemba.
Umthombo osondelene nomndeni utshele iSolezwe NgoMgqibelo ukuthi bebengekho besesontweni ebusuku, bathola ucingo lubatshela ukuthi abaphuthume ekhaya, uJabu useshonile.
“Emuva kokuthola ucingo oluthi uJabu akasekho, siphuthume ekhaya ukuyobheka, kulapho ke esifice khona isidumbu sidindilize phansi, kugcwele igazi,” kusho umthombo.
Uqhube wathi bayasola ukuthi umsolwa uqale wazama ukumnquma ngommese umufi kodwa wahluleka wabe esemqedela ngocelemba ngoba ngesikhathi beqoqa endlini, bathole ummese omncane uphukile ugcwele igazi, kanti nasemqaleni wayenembombo enkulu abasola ukuthi wayezama ukuhlukania intamo nekhanda wavinjwa ngamathambo.
Ngokusho komthombo, okubakhathaza kakhulu ukuthi umsolwa akazange akhombise ukuzisola ngesenzo sakhe.
“Ngenkathi kufika amaphoyisa ezombopha, akazange akhombise nakancane ukuzisola, kunalokho ubezishaya isifuba ngesenzo sakhe ngoba uze wathi useqedile ngoyedwa, sekusele ababili,” kuchaza umthombo.
Kuvela ukuthi umsolwa ubevele engumuntu ohluphayo futhi obahlukumezayo ekhaya kodwa unina emvikela, yingakho befisa engathi angabhadla ejele.
“Ubevele nje eyingane ehluphayo ikakhulukazi uma ephuzile. Ubenakho ukuthi abuye ekhaya edakiwe abathuke bonke, ashaye izingane zakwabo aze ashaye ngisho unina imbala, amsabise ngesikhali,” usho kanje.
Kuthiwa bekuthi uma kubizwa amaphoyisa ezoboshwa umsolwa ngoba ebahlukumeza, unina awaxoshe, athi awahambe wenziwa utshwala, uzoba ngcono.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuthi likhona icala lokubulala elivuliwe eGreytown.
“Singakuqinisekisa ukuthi likhona icala elivulelwe owesilisa obulale owesifazane wamnquma uqhoqhoqho eMacongco,” kusho uCol Mbele.
Uqhube wathi umsolwa uboshwe khona endaweni yesigameko wavulelwa necala lokubulala.
Umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi eGreytown, ngoMashi 14, lapho eyofaka khona isicelo sebheyili.