ZITHELEKE ngobuningi bazo izinkumbi zamalungu e-EFF ePhoenix, eThekwini, zizobhikisha zilwa nokubulawa kwabohlanga, okwenzeke ngesikhathi kunezibhelu kule ndawo ngenyanga edlule.
Ezokuphepha ziqinisiwe emgwaqweni onguthelawayeka kule ndawo, kwatshalwa amaphoyisa namasosha enxatheleni yezitolo ePhoenix Plaza, nasemagaraji.
UNobhala jikelele we-EFF, uMnuz Marshall Dlamini, uwaqinise idolo amaphoyisa wathi bazomasha ngokuthula beya esiteshini samaphoyisa esikule ndawo, besuka epaki eGandhi-Luthuli esePhoenix.
Amalungu enhlangano athe uma kuke kwakhona owafaka umunwe esweni ngenkathi bemasha, azowuphoqoza. Bebephethe izingqwembe ezinemibhalo egxeka ukubulawa kwabantu abamnyama, nezifuna kuboshwe ababulali bagwetshwe kanzima.
Amalungu abelokhu ethutheleka ngamabhasi kaMasipala weTheku, kanti iningi lawo bekungabantu abasha abebegcwele umfutho oyisimanga. Bebeqhulula ingoma elolini enisiteji kanti uMnuz Vusi Khoza ongunobhala we-EFF KwaZulu-Natal, ubebahola phambili ekhuza neziqubulo zomzabalazo.
Le mashi bekumele iqale ngo-10 ekuseni kodwa kuze kwashaya u-12 ntambama elokhe ethuthelekile njalo amalungu e-EFF.
UDlamini uthe abafuni kube khona abasala endleleni benze okuphambene nabakuzele ePhoenix, yingakho belinde wonke umuntu. Kulo bhikisho bekukhona namalungu amanye amaqembu ehlukene nomphakathi nabo befuna kuboshwe futhi kushushiswe bonke abathinteka ekubulaweni kwabohlanga ePhoenix.